OMUNYE wabagadli bakudala beKaizer Chiefs, uMarks “Go Man Go” Maponyane, unike uFlavio Silva izeluleko ezimqoka ngezindlela zokugwema ukusindwa yijezi laleli qembu namaqhinga okusheshe azifake ezinhliziyweni zabalandeli abangeke bayeke ukumtinyela uma engayibhakuzisi inethi.
UFlavio Silva ngomunye wabadlali abasha abayisithupha kwiChiefs eseNetherlands lapho izicijela khona ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
Amakhosi, asevele akhale ngaphansi kwiVitesse (2-1), Utrecht (4-0) ne-NEC Nijmejen (1-0), azozwana amandla nelinye lamaqembu athathwa njengamakhulu eNetherlands, i-PEC Zwolle, kusasa ngo-7 ebusuku eSportpark (Ezinge).
Okwenza lo mgadli onobuzwe basePortugal nobaseGuinea-Bissau anakeke wukuthi iChiefs imlandele ukuzoxazulula inkinga yamagoli.
Ngesizini edlule iChiefs ibalwe namaqembu abhakuzise inethi kancane kunawo wonke kwiligi okufakazelwe wukuthi umdlali obashaye bonke emakhanda ngokuhlohlwa kwamagoli (uGlody Lilepo waseDemocratic Republic of Congo), uwabone amahlandla ayisithupha lapho egxunyekwe ngakhona amapali (kweyeligi).
UMaponyane obeseThekwini muva nje, utshele Isolezwe ukuthi ukuqeqesha abagadli yikhona asephila ngakho kodwa emazingeni aphansi ngoba kusobala ukuthi inkinga yamagoli ikhona.
Akazange athande ukunaba ngoFlavio Silva ezeseka ngokuthi akakamboni kahle kodwa uMaponyane usebenzise leli thuba ukuqwashisa lo mgadli olandwe e-Indonesia ngokufanele akwenze ukugwema izinkinga eNaturena.
“Okungafanele sikukhohlwe wukuthi laba badlali bafika kwiChiefs kade begqamile emaqenjini abo okuba yinkinga (uma ufika) eNaturena ngoba konke kuyasinda,” kusho uMaponyane.
“Okuzomsiza wukuthi ahlohle amagoli ngisho noma ngabe yimidlalo yobungani ngoba lokho yikhona kuphela okuzomehlisela ukucindezeleka.
“Abalandeli beChiefs balindele amagoli kumgadli wabo, hhayi omunye umlingo. Uma ubanika lokho bakufaka enhliziyweni bese kuba lula konke okunye."
Emidlalweni esigijinwe yiChiefs eNetherlands, ikhale ngaphansi kuyona yonke futhi uSilva akakashayi nelokubika igoli.
Kunzima ukuziba ukuthi kunabalandeli abathile asebeqalile ukushaya amakhala ngalo mgadli ezinkundleni zokuxhumana.
Kwenzeka konke lokhu nje, nangesikhathi uSilva efika kwakukhona abanenkinga ngesibalo samagoli uma kuqhathaniswa nemidlalo eyidlale e-Indonesia okuyilapho iChiefs emthole khona.