IRICHARDS Bay FC isiphinde yakhombisa ukungasinisi mahleza ngezinhloso zayo zokuyibama ishisa esigabeni seDStv Premiersnip, ngokuvuka ngesikwibhishi somdlali wasophondweni lwesokunxele, uLuvuyo Memela.
IRichards Bay iqede ukuqagela ngalo mdlali obesanda kwehlukana naMaZulu FC, imethula ngokusemthethweni ngoLwesihlanu ekomkhulu layo eRichards Bay, emcimbini wokwethulwa kwejezi layo elisha ezolidlubha kule sizini yayo yokuqala esigabeni sePremiership.
UMemela uvumbuka kwiRichards Bay nje bese kukuningi ukuqagela ngeqembu abengase alijoyine, ngemuva kokuba umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ubesanda kuphumela obala echitha amahlebezi okuthi iqembu belizama ukumnxenxa umdlali, ukuthi abuye emva kokumdedela kwalo ngasekupheleni kwesizini edllule.
Ukudedelwa kwalesi siphekepheke somdlali, kushiye abalandeli abaningi baMaZulu bedangele kwazise ungomunye wabadlali abashaye into ecokeme eqenjini ngesizini edlule.
Ukusayinisa uMemela kweqembu laseRichards Bay kwengeza esibalweni sabadlali abanamava eselivele libasayinisile leli qembu elingomakoti kwiDStv Premiership, okubalwa kubona u-Abel Mabaso, Sibusiso Mthethwa, Michael Gumede, Nkanyiso Zungu nabanye.
Ukuba semabhukwini eRichards Bay kukaMemela sekusho ukuthi kungenzeka abonakale okokuqala esesikimini seqembu emdlalweni walo wanamuhla wokuvula isizini yeDStv Premiership neLamontville Golden Arrows, ePrinces Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Umdlalo weRichards Bay neGolden Arrows othathwa njengowomakhelwane, ungomunye wemidlalo yePremiership ebhekwe ngabomvu yiningi labathandi bebhola baKwaZulu-Natal kule mpelasonto.
IGolden Arrows, iholwa nguVusumuzi Vilakazi osizana noMabhuti Khenyeza ethimbeni labaqeqeshi ngemuva kokuqokwa kwabo ngokugcwele kwesokuqeqesha iqembu, okusho ukuthi kubhekwe lukhulu kubona ekubeni abakabi nawo amava atheni ekuqeqesheni ngokugcwele esigabeni sePremiership.
UVilakazi ukuvezile ukuthi ukuxega kodonga lwasemuva lwezakhe kube yimbangela yokuvuzisa kwazo imbudlu yamagoli angu-40 ngesizini edlule, zagcina ziphuthwe yithuba lokuzibekisela indawo kwiTop 8.
“Senze okuningi emalungiselelweni ethu okuqala kwale sizini, sizama ukulungisa izindawo eziningi esikwatini seqembu lethu, ikakhulukazi odongeni lwasemuva, ngoba asifuni ukuzithola sisesimweni esifana nesangesizini edlule lapho esingenelwe khona ngamagoli amaningi.
Ngokwamalungiselelo ethu esesiwenzile kuze kufike lesi sikhathi, sizibona sesikulungele ngokuphelele ukuqala kwesizini futhi sizimisele kakhulu ngokulwela ukuqoqa amaphuzu zibekwa nje ebhandeni, ukugwema emathonsi abanzi,” kusho uVilakazi kwiGagasi FM.
Ngakolunye uhlangathi umqeqeshi weRich Boyz, uPitso Dladla, ubhekene nenselelo yokuhlanganisa isikwati sakhe esibunjwe ngabadlali abebegijima esigabeni seFirst Division nabanamava okudlala kwiPremiership, kwazise iyashisa insimbi kwiPremiership, uma kuqhathaniswa nesigaba seFirst Division leli qembu elibuya kusona.