ABADLALI beBanyana Banyana basho ngazwi linye ukuthi yize bephule amarekhodi ngokuba yiqembu lokuqala ukuhlula iNigeria emdlalweni wayo wokuvula kwi-Women Africa Cup of Nations (AWCON), akufanele bakufake emakhanda lokho njengoba luselude ukhalo.
INingizimu Afrika iqumbe phansi iNigeria engompetha abavikela isicoco emdlalweni kaGroup B eCape Coast Stadium, eGhana ngempelasonto. Okwesibili iBanyana ihlula iSuper Falcons njengoba yayigcine ngo-2011.
Ingcwenga yegoli eliyinikeze amaphuzu amathathu ivalelwe phakathi uThembi Kgatlana umdlalo usuya ngasekupheleni. Ugcine ebe ngumdlali ovelele wosuku.
Uthole ibhola elide abeliphakelwe uJermaine Seoposenwe.
“Bese sibonile ukuthi udonga lweNigeria alusheshi. Ngesikhathi ngingena ebhokisini ngazile ukuthi uma ngiliyeka lagqoma okwesibili bekungenzeka ngingabe ngisakwazi ukulishaya. UJermaine ungitshelile ukuthi ngizolishaya igoli. Okungijabulisa kakhulu wukuthi ngilishaye ngebhola eliqhamuke kuyena,” kusho uKgatlana obekhuluma nabeSafa.net ngemuva komdlalo ngeSonto ebusuku.
Emdlalweni wesibili iBanyana izobhekana ne-Equatorial Guinea kusasa ngo-8.30 ebusuku.
I-Equatorial Guinea ishaywe yiZambia ngo 5-0. Lokhu kubeka iChipolopolo phezulu eqoqweni.
“I-Equatorial Guinea iyiqembu elihlukile kwiNigeria kanjalo neZambia nayo ihlukile. Okwethu wukuthi wonke umdlalo esiya kuwona siye sineqhinga esizohlala kulona ngendlela esihlele ngayo. Kuningi okusamele sikulungise ukuqinisekisa ukuthi sidlulela phambili. Okwethu wukubhekana nesigaba ngasinye futhi nami ngeke ngizifake ingcindezi njengoba kunemidlalo emine ngaphambi kokufika kowamanqamu,” kusho uKgatlana odlalela iHouston Dash e-USA.
Amaqembu ayisishiyagalombili akwi-AWCON alwela ukuzibekisela indawo ezikhaleni ezintathu zamaqembu ase-Afrika azodlala kwiNdebe yoMhlaba eFrance ngonyaka ozayo.
“Inhloso yethu akusikhona ukubuyisa izinduku kodwa wukuthi siye kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uKgatlana.
Ukaputeni weBanyana, uJanine van Wyk, ubhale ekhasini lakhe kwi-twitter ngemuva komdlalo, wathi: “Sizowubhiyozela lo mphumela kodwa kusasa (izolo) sizobuyela ekugxileni emdlalweni olandelayo.”
Umdlalo welakuleli wokugcina wamaqoqo ungoMgqibelo neZambia ngo-6 ntambama.