IQEMBU lesizwe lebhola labesifazane, iBanyana Banyana, likwazile ukufeza ebelibekelwe khona kulo nyaka okufanele kube wukuvuleka kwekhasi elisha ekufukulweni kukanobhutshuzwayo wesibhuda eNingizimu Afrika.
Impumelelo yeBanyana eqophe umlando eGhana ngokuzibekisela okokuqala emlandaweni indawo kwiNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo, kumele kuphonsele inselelo iziphathimandla zebhola eNingizimu Afrika ekutheni zigcine ezazo izethembiso.
Ngesikhathi umqeqeshi uDesiree Ellis enikezwa umsebenzi umengameli weSafa, uDanny Jordaan, akazange akufihle ukuthi umbandela abekelwe wona owokufaka iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba. U-Ellis nabadlali bakhe abalwe njengamabhubesi eGhana bakwenzile lokho, kwahlokoma wonke amakhona eNingizimu Afrika.
Njengoba kuzoqala unyaka omusha, amehlo asebheke kuJordaan nethimba lakhe ukuthi bayazigcina yini ezabo izethembiso.
Eqhulwini wukusungula iligi kazwelonke esezingeni elikhokhelayo yabesifazane okade kwakukhulunywa ngayo. Ngokusho kukaJordaan le ligi izoqala ngo-Ephreli wonyaka ozayo. Kusukela ebuyiselwe ihlandla lesibili njengomengameli weSafa, ujube elinye lamaphini akhe uRia Ledwaba ukuhola umkhankaso wokuyisungula.
Okunye okusemqoka wukuqinisekisa ukuthi iBanyana ihlelelwa imidlalo yobungani namaqembu aqinile aphesheya ukulungiselela iNdebe yoMhlaba engoJuni lapho iqhathwe neSpain, Germany neChina kuGroup B.
* NgoJanuwari iBanyana ivule unyaka ngomdlalo wobungani neSweden eKapa ngaphansi kobuholi buka-Ellis obengakaqashwa ngokugcwele. Kulo mdlalo iBanyana ibhaxabulwe ngo 3-0, kodwa kwacaca lapho kumele kulungiswe khona. Iqembu lamantombazane labaneminyaka engaphansi kuka-20 lihlulwe yiNigeria emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga amaqembu azoya kwiNdebe yoMhlaba.
* NgoFebhuwari * -Ellis unikezwe isikhundla sokupheka iBanyana ngokugcwele sekucacile ukuthi iSafa ihlulekile ukuthola abaqeqeshi baphesheya obese kuphele cishe unyaka wonke bezanywa. Omunye umqeqeshi wesifazane uSimphiwe Dludlu uzifake emlandweni eyisa iqembu lika-Under 17 kwiNdebe yoMhlaba ebibanjelwe e-Uruguay ngoNovemba. UDludlu ulandele ezinyathelweni zikaSolly Luvhengo owafaka Abantwana okokuqala kweyoMhlaba ngo-2010 eTrinidad & Tobago. Abantwana bakwaze ukubuya nephuzu e-Uruguay, bashaywe kabili, badlala kowodwa ngokulingana.
* NgoMashi elakuleli liye kwiCyprus Cup lapho eliqede khona endaweni yesithupha emazweni awu-12, okuyindawo engcono elike layithola. Kulo mqhudelwano umgadli weqembu lesizwe uThembi Kgatlana uqokwe njengomunye wabashaye into ecokeme. UKgatlana ubeqhubeka lapho egcine khona ngo-2017 enqoba owomdlali ovelele kwiCosafa Cup, waphinde waqokwa emunxeni wabavelele ngaphansi kweCAF kodwa wakhala ngaphansi ku-Asisat Oshoala waseNigeria.
* NgoSepthemba iBanyana ivikele isicoco sayo seCosafa ishaya iCameroon ngo 2-1 kowamanqamu. Ukwenza kahle kulo mqhudelwano kufane nophethroli * -Ellis abewudinga ukuqinisekisa ukuthi abadlali bakhe bafika kwi-AWCON bewumshini.
* NgoNovemba 18 iBanyana iqophe umlando iba yiqembu lokuqala ukwehlula iNigeria emdlalweni wokuvula we-AWCON idlula ngo 1-0 wegoli likaKgatlana. NgoNovemba 27 amagoli kaKgatlana noLebo Ramelepe aqinisekise ukuthi elakuleli liyaya eFrance lihlula iMali ngo 2-0 kowandulela owamanqamu. IBanyana ifike kowamanqamu yahlulwa iNigeria ngo 4-3 kumaphenathi. Abadlali bagixabezwe ngesheke likaR2.4 million abazohlukaniselana lona njengebhonasi yokuya eFrance.
* Okunye okwenzekile ebholeni labesimame kuleli:
UThembi Kgatlana noLinda Motlhalo balandele ukaputeni uJanine van Wyk bethola izinkontileka kwiHouston Dash yase-USA.
UKgatlana uqokwe njengomdlali ovelele kwi-AWCON nomshayimagoli ophambili ngamahlanu abuye nawo.
Uqokwe noVan Wyk emunxeni womdlali ovelele wabesifazane emcimbini weCAF ongoJanuwari 8, eSenegal.
UDesiree Ellis uzobanga emunxeni womqeqeshi ovelele kuthi iBanyana ibange oweqembu eliphambili.
URefiloe Jane noRhoda Mulaudzi bathole izinkontileka kwiCanberra United yase-Australia engelinye lamazwe anamaligi ahlelekile abesifazane.
I-TUT Ladies inqobe isicoco seVarsity Cup, yaphinde yaba ngompetha beSasol League National Championship okokuqala emlandweni, iphuca isicoco iBloemfontein Celtic Ladies.
Iqembu lesizwe lika-Under 20 libuye negolide emidlalweni yeRegion 5 esongwe ngempelasonto. Lihlule iBotswana ebingosokhaya ngo 1-0 wegoli likaLindokuhle Gladile.