IZOBANJELWA eFNB Stadium, eGoli imidlalo emibili ezayo yeBafana Bafana yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).
IBafana esanda kubanjwa iLibya kowokuhlunga eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izovakashelwa iSeychelles ngo-Okthoba bese idlala neNigeria ngoNovemba yomibili okuyimidlalo yasekhaya.
Izodlala neSeychelles ngo-Okthoba 13 bese ivakashelwa amaSuper Eagles ngoNovemba 17. Yomibili imidlalo iqala ngo-3 ntambama.
Elakuleli ligcina ukudlala eFNB lalibhekene neBurkina Faso nyakenye kuhlungelwa iNdebe yoMhlaba lapho lashaya khona iBurkina Faso ngo 3-1 ngamagoli kaPercy Tau, Themba Zwane noSibusiso Vilakazi.
Ngemuva kokubhekana neSeychelles kuleli, iBafana izobe isiya kulesi siqhingi ngo-Okthoba 16 eStande Linite.
Iqembu likaStuart Baxter lidinga amaphuzu ayisithuba kule midlalo ukuze lizibeke ethubeni lokuya kwi-Afcon eCameroon ngonyaka ozayo.
Okwamanje liyibambe endaweni yesibili kuGroup E ngamaphuzu amane, alingana naweLibya yona ehleli phezulu. INigeria isendaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu bese kuvala iSeychelles esishaywe kabili.
Umdlalo wokugcina wokuhlunga iBafana izowudlala neLibya ekuhambeni ngoMashi wonyaka ozayo. Umqhudelwano uzokuba ngoJuni/Julayi.