UBHEKENE nengwadla uMolefi Ntseki njengoba kuvela ukuthi uzobhekana neBrazil emdlalweni wakhe wokuqala selokhu eqokelwe ngokuphelele esikhundleni sokuqeqesha iBafana Bafana.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi sekusele izinto ezimbalwa kakhulu ukuthi iSouth African Football Association (Safa) ivumelane neBrazilian Football Confederation (BFC) mayelana nomdlalo wobungani.
Uqhube wathi nakuba kungakacaci ngosuku ozodlalwa ngalo kodwa kuhlelwa ukuthi ube ngo-Okthoba, khona eBrazil .
Uthe iBrazil kubukeka iwuthokozela lo mdlalo kwazise nayo isemalungiselelweni okuqala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba ngo-2022, eQatar.
Kuvela ukuthi izikhulu zeSafa zikholelwa ekutheni umdlalo neSelecao esanda kunqoba isicoco se-2019 Copa America, ungaba wusizo kwiBafana ngaphambi komdlalo wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) neGhana uzoba ngoNovemba 15.
Kweyokuhlungela ukuya eCameroon ngo-2021 elakuleli liqhathwe ku-group C nayo iGhana, Sudan neMauritius.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu lesizwe lakuleli lisanda kubhekana nembibizane ekuqaleni kwenyanga lichithwa emidlalweni yobungani yiZambia neMadagascar ngenxa yodlame olubhekiswe kwabokuhamba.
“Ngaphandle nje kokuthi indaba yokubhuntsha komdlalo weZambia neMadagascar iyilimazile iSafa ephaketheni kodwa kuphinde kwalimaza kakhulu amalungiselelo eBafana ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela ukuya eCameroon. Umdlalo neqembu elifana neBrazil uzoba wusizo kakhulu. Indaba yomphumela kayibalulekile kodwa ukulungiselela ikusasa,” kubeka umthombo.
Ingede iveze nokuthi elinye izwe okukhulunywa nalo uma kwenzeka izinto zingalungi kwiBrazil, yiSwitzerland ekleliswe endaweni yesi-11 ezilinganisweni zeFifa.
Umthombo uthe nakuba kungakacaci ngokuningi kodwa okuhle ukuthi uNtseki namaphini akhe bazoya kulo mdlalo seliqokiwe ithimba lezingcithabuchopho elizobalekelela.
La mazwe asedlale kahlanu. Eqala ukutholana phezulu bekuwu-1996 kwiNelson Mandela Challenge. IBafana eyayisanda kunqoba i-Afcon, eyashayelwa amagoli uDoctor “I6V” Khumalo noPhilemon Masinga, yadliwa ngo-3-2.
Kowesithathu kwi-2009 Confederation Cup, iBafana iphinde yaguqa ngegoli elilodwa likaDani Alves.
Olandelile ube ngo-2012 okokuqala eBrazil. Nakhona iBafana eyayicijwa uGordon Igesund yadliwa ngegoli elilodwa. Ngo-2014 ibuye ngamandla iSelecao yanqoba ngo-5-0.