IMARITZBURG United ikhombe abadlali abane indlela ukuze “iqede uvucu” ngokusho kukasihlalo wayo uFarouk Kadodia.
Phakathi kwabadlali abane abachithwe yiTeam Of Choice kuvela negama lo mgadli waseBelgium, u-Andrea Fileccia.
UKadodia uthe abakazowadalula amagama abanye abadlali abathathu okwamanje ngoba izingxoxo azikaphothulwa kodwa nakanjani iqembu lizobachitha.
“Sidedele abadlali abane esikholelwa wukuthi kufanele sibakhulule. Omunye wabo uFileccia. Abanye abadlali asikazobadalula okwamanje ngoba ukuhlakana kwethu akukabi semthethweni kodwa kungekudala sizobamemezela. Inhloso yethu enkulu wukuthi sisehlise isikwati ngoba sinabadlali abaningi kodwa othola ukuthi kuncane abakwenzela iqembu,” kusho uKadodia.
Uphinde waqinisekisa ukuthi uThamsanqa Sangweni, obedlalela i-Orlando Pirates, AmaZulu FC neChippa United baqome ukuthi bengamsayinisi nakuba kade eseziqeqeshe neqembu amasonto amabili.
“Sixoxe nomqeqeshi wethu (u-Eric Tinkler). Umqeqeshi ube esesitshela ukuthi uSangweni akekho ezinhlelweni zakhe, kwaba iyona ndlela esimkhulula ngayo leyo,” kusho uKadodia.
Umdlalo olandelayo weTeam Of Choice izowudlala neCape Town City ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. UTinkler uthe usakhohlwa kudala ukuthi wayeke waqeqesha iCity, wanezezela ngokuthi okubalulekile njengamanje wukuthi akhiphe iqembu lakhe, eliyibambe emsileni welog, kwalasha.
“Angifuni ukwenza lo mdlalo ube ngami. Yebo ngayiqeqesha iCity kodwa sengadlula lapho. Okubalulekile njengamanje wukuthi sengiwumqeqeshi weMaritzburg, ngakho kufanele ngilekelele iqembu liphume endaweni eyingozi. Nakuba sifuna ukuthi kube khona esikutholayo kwiCity kodwa futhi sisadinga inhlanhla ukuthi amaqembu angenhla kwethu kancane, alahle amaphuzu ngoba akuzosho lutho ukuthi sinqobe kodwa amaqembu esinawo emsileni nawo alokhu eleka amaphuzu. Angingabazi ukuthi kukhona esizokuthola kwiCity kodwa akuzokuba wumdlalo olula neze,” kusho uTinkler izolo.