USIHLALO weTS Galaxy, uTim Sukazi, akanavalo ngokuthi iqembu lakhe liyomela iNingizimu Afrika kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
IGalaxy edlala kwiNational First Division (NFD) izibekisele indawo kulo mqhudelwano ngemuva kokuthela ngehlazo iKaizer Chiefs iyihlula ngo 1-0 kowamanqamu weNedbank Cup ngempelasonto.
Le ngqophamlando yenzeke eMoses Mabhida Stadium, eThekwini phambi kwezinkumbi zabalandeli beChiefs ngoMgqibelo ebusuku eziphume sezibhocobele ezabo ziqeda isizini yesine zingawini lutho.
Iqembu likaSukazi alihlanganise ngoJulayi nyakenye lidlule ngephenathi kaZakhele Lepasa ayishaye umdlalo usungena esikhathini sikanompempe.
USukazi ebuzwa ukuthi ngabe iqembu lakhe lizokwazi ukumelana nokuzungeza i-Afrika kwiConfederation Cup, liphinde libange isicoco kwiNFD, uthe iMamelodi Sundowns iyisibonelo esihle sokuthi lokho kuyenzeka.
ISundowns ivikele isicoco se-Absa Premiership phezu kokungaphumuli idlala kwiCaf Champions League ephume kuyona esigabeni esandulela umdlalo wamanqamu.
“Ayikho into edlula ukuhlela. Besilokhu sicabanga ngale ndebe futhi sengike ngakusho ukuthi sifuna ukudlala kwiCaf ngakho zikhona izinhlelo esesizenzile. ISundowns iyakwenza. Idlala lapha nakwiChampions League. Benza kahle kakhulu kwiChampions League baphinde babuya bazonqoba iligi. Isizathu salokhu wukuhleleka. Asinaso isipiliyoni kodwa sizimisele ngokufunda ngendlela,” kusho uSukazi.
USukazi othenge iqembu ngoJulayi nyakenye, kwadingeka ahlanganise abadlali uthe isizathu sokufuna ukuya kweyeCaf wukukhombisa uhlobo lwebhola oludlalwa eNingizmu Afrika.
“Ngifuna ukukhombisa ibhola laseNingizimu Afrika ngoba ngikholwa wukuthi leli qembu lidlala ibhola ngendlela engikholwa wukuthi kufanele lidlalwe ngayo. Sinalo ithalente kuleli lizwe kodwa inkinga wukuthi asiliphakamisi thina. Sidlale neCape Umoya kuma-quarterfinal uSizwe Mdlinzo washaya elihle igoli engaphandle kwebhokisi ngethanga kodwa abahlaziyi balapha bathi ucilo uzishaye endukwini kodwa kuthe emasontweni ambalwa uLuis Suarez washaya ibhola elifanayo lashaya ipali * (Lionel) Messi waliqedela bedlala neLiverpool wanconywa. Ithalente likhona lapha lidinga thina silithuthukise ngokuthi sinikeze abadlali izindawo ezifanele zokwenza lokho. Uma singenzenjalo ngicabanga ukuthi akukho esingeke sikwazi ukubhekana nabo umhlaba wonke,” kwenaba uSukazi.
Uthe abadlali bazohlomula ku-R7 million abazowuthola ngokuba ngompetha beNedbank.
“Kubafanele bayisebenzele kanzima ngoba asikho esimeni sokuthi siyayidinga le mali (beyiqembu) yize sikuqonda ukuthi lo msebenzi esiwenzayo udinga imali,” kuphetha uSukazi.