IMAMELODI Sundowns izothuthana ne-Orlando Pirates isiluthintithile uthuli lwamaholidi kulandela ukunqoba ngo 2-1 umdlalo we-Absa Premiership obuseCape Town Stadium izolo ebusuku.
Amagoli wonke angene esiwombeni sokuqala, ashaywe uRicardoNascimento noSibusiso Vilakazi, eSundowns kwathi
ele-Ajax elivule umdlalo lavalelwa uFagrie Lakay.
Leli qembu elizihola phambili kwi-log belize lapha ngemuva kwemidlalo emibili lihluleka wukuqoqa amaphuzu. Lishaywe iCape Town City ngaphambi kokuphela konyaka, labuya komusha laguqiswa iPolokwane City ngo 3-2 ngempelasonto edlule.
Ngemuva komdlalo wePolokwane, umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, ukhale ngokuthi abadlali bakhe bebesagcwele amaholidi, yingakho bededele umdlalo kade bewuphethe.
ISundowns isinegebe lamaphuzu amane esicongweni lapho ilandelwa iCape Town City. Kulindeleke ukuthi kusiphuke izidindi emdlalweni wayo nePirates oseLoftus Versfeld ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, ikakhulukazi njengoba eZimnyama zibuye ngegiya eliphezulu ziqhulula amagoli amathathu zihlula iBaroka FC ngo 3-1 ngempelasonto edlule.
Umzuliswano wokuqala phakathi kweSundowns nePirates, wanqotshwa ezikaMosimane ngo 3-1 emdlalweni lapho iBucs yalahla inqwaba yamathuba.
Izolo, Bekushubile esiwombeni sokuqala womabili amaqembu ekhombisa izimpawu zokufuna igoli.
Kube i-Ajax elithole kuqala ngemuva komnyakazo omuhle kaSirgio Kammies otholane noLakay obese kuwumdlalo wakhe wesibili kwi-Urban Warriors ngemuva kokubolekwa kwiSuperSport United.
Asizange sibe side isikhathi iqembu lasekhaya lihamba phambili, iSundowns ibuye ngamandla. Ithole iphenathi lapho unompempe uDaniel Bennett esole * -Isaac Nhlapho ngokudlala ngesandla ibhola ebhokisini.
Isitobha seDowns, uNascimento asinanazanga sayibeka phakathi. Kube sekuqhamuka uPercy Tau ngakwesokunxele opotshozele elihle ibhola uVilakazi walibeka phakathi. Kungena la magoli nje unozinti we-Ajax, uBrandon Peterson, ubesenze umsebenzi oncomekayo evimba inguzunga yeshodi lika-Oupa Manyisa, waphinde walandelisa ngebhola likaTau nalo ebelibheke emapalini.
Kulokhu umqeqeshi omusha we-Ajax, uMuhsin Ertugral, ubekhona ebhentshini ngemuva kokuthola amaphepha amgunyaza ukusebenza kuleli. Lo mqeqeshi odabuka eTurkey uze kuleli qembu laseKapa ngenhloso yokulisusa ezembeni lapho lishiywe khona uStanley Menzo obeliqeqesha.