KULINDELEKE ukuthi kusiphuke izidindi uma sekuthuthana iSuperSport United neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesihlanu njengoba womabili la maqembu engaziboni ephumile embangweni wesicoco seligi sale sizini.
Umdlalo useMbombela Stadium ngo-8 ebusuku. Umqeqeshi weChiefs u-Ernst Middendorp usanda kuphumela obala ngokuthi uzolwa kuze kube sekugcineni ngaphambi kokuthi avume ukuthi simhlulile isicoco.
Kanjalo noKaitano Tembo selokhu i-United ibuyelwe umgqigqo usekuvezile ukuthi “kusengenzeka noma yini ngesicoco seligi”.
Amatsatsantsa a Pitori ahleli endaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu awu-38.
Emidlalweni emihlanu edlule ashaywe kanye, awina kwemine. Ngaphezulu kwawo kuhleli iBidvest Wits abalinganayo nayo ngamaphuzu, iCape Town City, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.
IChiefs abazobhekana nayo isendaweni yesikhombisa ngamaphuzu awu-35.
“Ngicabanga ukuthi okusemqoka wukuthi siqhubeke nale ndlela esidlale ngayo emidlalweni edlule. Sizobhekana nomdlalo ngamunye njengoba manje osemqoka yilona oweChiefs esiya kuwona. Uma ubheka kusuka kunombolo 1 kuya endaweni yesikhombisa wonke la maqembu asangayinqoba iligi. Wonke lawo maqembu asazobhekana. Iseminingi imidlalo esele. Uma iya ngokuncipha yilapho kuzocaca khona,” kusho uTembo.
Umdlalo womzuliswano wokuqala wala maqembu wanqotshwa Amakhosi ngo 1-0.
“Njengomqeqeshi weSuperSport United engikubhekile wukuthi siwunqobe umdlalo. Kodwa ebholeni akekho onelungelo lokunqoba, kuyasetshenzelwa. Amalungiselelo ethu nesizokwenza emdlalweni yikhona okuzocacisa ukuthi ubani ophumelelayo. Umphumela odlule awusasho lutho. Sonke siyawadinga la maphuzu amathathu.”
Lo mqeqeshi onikezwe izintambo ngokugcwele kuqala isizini, kufanele wukuthi uzothembela kumgadli wakhe uMxolisi Macuphu ukuthi uzoqhubeka nokuba bukhali.
UMacuphu ufike ngoJanuwari kwi-United imboleka kwiWits. Nguyena oshaye igoli benqoba iFree State Stars ngo 1-0 ngempelasonto edlule.
Useshaye amagoli amane selokhu efikile asize leli qembu lasePitoli labuyelwa yithemba ngokulwela iligi. .
“Selokhu efikile ungomunye wabadlali ababalulekile eqenjini. Ngale ngokusishayela amagoli, ufike washintsha indlela esidlala ngayo ngoba ukhuthele noma engaliphethe ibhola. Ngijabule ngakho konke akwenzela iqembu,” kusho uTembo.