I-ORLANDO Pirates izodlala ibanjelwe kowayo olandelayo ozokuba sekuhambeni ngaphansi kweCAF Champions kulandela isinqumo senhlangano eyengamele ibhola e-Afrika sokuhlawulisa i-Esperance okuyizitha zeBucs eTunisia ngenyanga ezayo.
ICAF isishayele i-Esperance umthetho wokuthi imidlalo yayo emibili elandelayo ekhaya iyidlale kungekho balandeli enkundleni okuyinhlawulo yokuziphatha kwabalandeli bayo nyakenye. Omunye waleyo midlalo owePirates okuyinto ebukeka ingaba olukhulu usizo kwezikaMilutin Sredojevic.
Lezi zinkunzi zaseTunisia zihlawuliswa nje, yingoba abalandeli bazo bahlasele ngazo zonke izinto ongazicabanga ibhasi ebelithwele abadlali be-Al Ahly yase-Egypt lisendleleni ebheke enkundleni ngosuku lomdlalo wamanqamu weChampions League ngoNovemba 9 nyakenye.
Ngalolo suku i-Esperance inqobe ngo 3-0 okuyenze ompetha kade ishaywe ngo 3-1 ekuhambeni kowomlenze wokuqala womdlalo wamanqamu. Okuqaphelekile kodwa ngalowo mdlalo ukuthi i-Al Ahly iwudlale kusobala ukuthi isigameko sokuhlaselwa kwebhasi layo kubaphazamisile abadlali emiqondweni.
Esitatimendeni esikhishwe yiCAF ngoMsombuluko ebusuku, lapho ivumelana khona ne-Esperance, kuvele ukuthi lesi sigwebo sesisayiniwe phansi futhi akukho okusazoshintsha. Ngempelasonto siyaqala lesi sigwebo lapho i-Esperance izodlala khona neFC Platinum yaseZimbabwe kukhala ibhungezi. Owesibili ungo-Febhuwari 12 lapho kuzobe kuvakashe khona iBucs.
“Ezishisayo zithi i-Esperance de Tunis izodlala imidlalo emibili ekhaya kukhala ibhungezi kulandela ubudlova obenziwe abalandeli bayo kowamanqamu weCAF Champions League ka-2018. Lesi sinqumo esiwujuqu esikhishwe yikomiti lethu eliqondisa izigwegwe,” sisho kanje isitatimende seCAF.
Ompetha beChampions League, bafakwe ku-Group B lapho kukhona ompetha bango1995 iBucs, FC Platinum neHoroya yaseGuinea. I-Esperance iqale ngokubambana ngo 1-1 neHoroya eConakry. Kwenzeka konke lokhu nje, KwaBulawayo eZimbabwe, iPirates ibambane nePlatinum ngo 0-0.
NgoLwesihlanu iBucs izokwamukela iHoroya e-Orlando Stadium, eSoweto, bese kuthi ngosuku olufanayo i-Esperance idlale owokuqala kukhala ibhungezi nePlatinum.
IMamelodi Sundowns yona izodlala umdlalo wayo wesibili kaGroup A neWydad Casablanca, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.
Emdlalweni weCAF Confederation Cup iKaizer Chiefs izokwamukela iZesco United yaseZambia, eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku. Emlenzeni wokuqala iChiefs ishaywe ngo 3-1 ekuhambeni nokuchaza ukuthi kumele ishaye amagoli amabili bese ingadedeli lutho ukuze idlulele esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.