XOLILE MPISANE
IZIMISELE ukugqama kakhulu kunakuqala ngesizini entsha i-Orlando Pirates ngemuva kokwethula amajezi amasha ezohloba ngawo ngo-2021/2022.
Lokhu kushiwo ngomunye wabaholi baleli qembu, uThulani Hlatshwayo, kwethulwa ijezi elisha lasekhaya nelasekuhambeni behambisana nabaxhasi babo, i-Adidas eSandton, eGoli.
Ekhaya bazoqhubeka nejezi elimnyama elinemigqa emhlophe emahlombe. Okuhlukile kunelangesizini edlule wukuthi ligcwele uphawu lwamathambo emzimbeni, olwenziwe ngombala omnyama kodwa luyagqama uma usulibukela eduze.
Elasekuhambeni liluhlazana (mint), okuwumbala ohluke kakhulu ku-orange ababegijima ngawo ngesizini edlule.
"Siyiqembu elingasabi ukwenza izinto ezintsha. Sakwenza ngesizini edlule siqhamuka nejezi eli-orange, manje sesibuye nento eshaya umoya kuleli, eli-mint," kusho uHlatshwayo.
"Silindele ukuyiqala kahle isizini ngaleli jezi elisha ngoba liyahambisana nezinhloso zeqembu zale sizini. Leli elimnyama limele umlando omude weqembu kanti elasekuhambeni likhombisa ukuthi sibheke ikusasa eligqamile.
"Amalungiselelo esizini entsha ahamba kahle, sinesikwati esiqinile futhi sonke sesijahe ukuthi isizini iqale. Sinabadlali abasebasha eqenjini kanti lo mbala o-mint umele izinto ezintsha."
Ngaphandle kwejezi elisha, amaBhakaniya asike abadlali abasha, uKwanda Mngonyama, Bandile Shandu, Goodman Mosele noMonnapule Saleng.
U-Abel Mabaso, oyibamba esiswini nasemuva, uthe laba badlali balethe ushintsho oluhle ekhempini.
"Kuvunguza umoya wokuzethemba ekhempini. Sibamukele kahle abadlali abasha futhi siyazi sonke ukuthi kumele sizilwele zonke izicoco kule sizini," kusho uMabaso.
"Siyagqugquzelana kanti futhi ukufika kwalaba abasha kwenza ukuthi thina ebesikhona ngesizini edlule sizimisele kakhulu kunakuqala."
Ijezi seliyatholakala ezitolo ezikhethekile nakwi-website ye-Orlando Pirates.