LIPHINDE lalelesa izulu eChloorkop iMamelodi Sundowns ihluleka ukuwina iMTN 8.
ISundowns ikhishwe yiCape Town City kowandulela owamanqamu ngo 4-2 sekushaywa amaphenathi. Ibikade iwine ngo 1-0 emlenzeni wesibili nokwenze ukuthi kugcine kuyiwe kumaphenathi. Emdlalweni womlenze wokuqala iCity yayinqobe ngo 1-0 eKapa. Igoli leSundowns layizolo elinyuse ithemba lishaywe nguToni Silva esiwombeni sokuqala. Ukuphuma kweSundowns kwiMTN 8 kusho ukuthi liphinde langafezeka iphupho likaMosimane lokuwina indebe okuyiyona kuphela aseshoda ngayo selokhu efike kwiSundowns.
Ngesonto eledlule iSundowns ikhishwe esigabeni samaqoqo eCAF Champions League. Bekunethemba lokuthi izovuka izithathe ngeMTN 8. Ukuwina kweCity kusho ukuphinda komdlalo wamanqamu weMTN8 wangesizini edlule kwazise i-The Citizens izobhekana neSuperSport United, edlule kwiKaizer Chiefs, ngoSepthemba 29. Amatsatsantsa yiwona akhale emuka nendebe ngesizini edlule ewina ng 1-0 eThekwini.
Umqeqeshi weSuperSport, uKaitano Tembo, ubevele engafunanga ukudalula iqembu afisa ukubhekana nalo.
“Kungaba yinto enkulu ukuwina iMTN 8 kodwa akukho mayelana nami. Okubalulekile yiqembu, okubalulekile yithina sonke. Yilokho okusenza iqembu, siphumelele. Akumele kube ngami. Ngihola iqembu kodwa sisebenza ngokubambisana. Lokho kubalulekile kithina njengeqembu. Ngibheke noma yiliphi iqembu esizobhekana nalo kowamanqamu,” kusho uTembo ngemuva komdlalo weChiefs.
Emdlalweni wayizolo, iSundowns ifake umfutho uqala, kubonakala ukuthi ifuna ukushesha ukuthola igoli. Ithuba elicacile leSundowns lehlele uToni Silva kodwa ishodi lakhe laphelela ezandleni zikanozinti weCity, uPeter Leeuwenburgh ngomzuzu wesibili. Ngomzuzu ka-26 uSilva uvalele phakathi ibhola ebelikade ligotshwe nguGaston Sirino emuva kweshodi likaThemba Zwane elichithelwe enkundleni nguLeeuweburgh. Emuva kwegoli iCity iphaphamile yazama elokulinganisa. Unozinti weSundowns, uDenis Onyango, utakule ezakhe echithela eceleni kwepali ibhola likaCraig Martins osike udonga lwasemuva lwamaBrazilians.
Esiwombeni sesibili, iCity izamile ukubuya kodwa yehluleka ukwakha amathuba okushaya amagoli.Ngomzuzu ka-70 umgundatshani weshodi likaTeko Modise uphume eceleni kwepali. Emuva kwemizuzu emine ebikade yengeziwe unompempe, uVictor Hlungwani, uzibize kumaphenathi. Sekushaywa amaphenathi abalandeli beSundowns bahhewule uModise kodwa wayishaya phakathi. Abanye beCity abashaye amaphenathi phakathi ngu-Ayanda Patosi, Nana Akosah-Bempah, Matthew Rusike noTaariq Fielies. KwabeSundowns ngu-Ali Meza, noLebo Maboe.