IMAMELODI Sundowns ngeke isayithathela izinyathelo i-Orlando Pirates “ngokuyintshontshela” umdlali uJustin Shonga.
Isolezwe like labika ngodaba lomdonsiswano ofufusayo phakathi kweZimnyama naBafana Ba-Style ngoShonga obegijima kwiNkana FC yaseZambia. Leli phephandaba lathola ezithi iSundowns ihlela ukuthathela iPirates izinyathelo zomthetho.
Nokho leli phephandaba seliphinde lahosha ezithi iSundowns ngeke isayithathela izinyathelo zomthetho iPirates ngenxa yokuthi eZimnyama zasebenzisa ubuchule zintshontsha uShonga.
“ISundowns isithathe isinqumo sokuthi ngeke iyithathele iPirates izinyathelo zomthetho ngenxa yokuthi iyabona ukuthi ngeke iphumelele uma kungathiwa lolu daba ilufaka kubameli. ISundowns yaqeda yonke into neNkana nomdlali kodwa kwasala indaba yemali.
“Yayizokhokhela iNkana FC ngesheke. Isheke-ke lithatha izinsuku eziyisikhombisa. IPirates yavele yafika nemali ewukheshi yayinika iNkana kwasayinwa yonke into. ISundowns yaya esikhumulweni sezindiza iyolinda umdlali nemenenja yakhe (uMike Ngobeni). Bathi uma befonela umdlali wabatshela ukuthi yena ubheke eParktown,” kusho umthombo osondelene nalolu daba.
UShonga akasali esikimini sePirates kusukela esayine kweZimnyama. Udlala ngemuva kwabagadli.
“ISundowns yasala incela izithupha kanjalo. Ibicikekile kodwa akukho engakwenza ngoba iPirates yasebenzisa ubuchule intshontsha umdlali. Ngemuva kwalokho iNkana inike iSundowns uLameck Banda icela ushwele ngephutha layo. UBanda ufike washiya ithimba labaqeqeshi kwiSundowns lingawuvali umlomo. Inkinga kube wukuthi abakwazi ukusayinisa lo mdlali ngenxa yokuthi akakayihlanganisi iminyaka engu-18. Nokho uzobuya ngoJanuwari ngo-2019,” kuqhuba umthombo.
Kuthintwa uFloyd Mbele oyisikhulu sePirates utshele Isolezwe ukuthi usamile ekutheni balandela yonke imigudu besayinisa uShonga.
“Njengoba ngangishilo phambilini ungithinta, senza konke okuqondile ngesikhathi sisayinisa uShonga. Thina sasingazi ukuthi iSundowns iyamfuna. Umfana sambona ngesikhathi kudlala iCosafa Cup sahlabeka umxhwele. Ngemuva kwalokho omunye wezinhloli zethu wamlandela saxoxa neqembu lakhe ngemuva kwalokho samsayinisa. Angikaze ngishaywe wuvalo lokuthi kukhona okungaqondile esakwenza,” kusho uMbele.
Imizamo yokuthola uThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns igcine ingaphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.