INGASE izithole isinkingeni iMamelodi Sundowns nomqeqeshi wayo uPitso "Jingles" Mosimane ngamacala abucayi ababhekene nawo.
I-Premier Soccer League (PSL) ikhiphe isitatimende lapho icacisa khona ngamacala amabili athinta leli qembu noMosimane ngoLwesithathu.
Umdlali wasemuva weSundowns uWayne Arendse, wadlaliswa ngokungemthetho emdlalweni we-Absa Premiership phakathi kwamaBrazilians neBidvest Wits ngoFebhuwari nonyaka.
U-Arendse wayengekho ohlwini lwabadlali abawu-18 leli qembu elalizobasebenzisa kulo mdlalo. Lokhu kusho ukuthi Abafana Ba Style bephule umthetho wePSL, ovimba ukungasetshenziswa kwabadlali abangekho ohlwini lwabadlali bosuku abasuke bezodlala kulowo mdlalo. IWits neSundowns bagcina ngokudlala ngokulingana kuba ngu 1-1.
I-PSL ithole iSundowns inecala ngalesi senzo ngokuphambana nemigomo, isigwebo sizophuma uma iSundowns isiveze olwayo uhlangothi kulolu daba.
UMosimane ubhekene necala elibucayi njengoba esolakala ngokushaya ngenqindi ebusweni umsebenzi waMaZulu FC uSamtchmo Ngwenya, emdlalweni we-Absa Premiership owaphela ngo 3-3, eKing Zwelithini Stadium ngoSephthemba 16 nyakenye. Ngokusho kwePSL uMosimane ubekwe icala lokungaziphathi kahle, kwathi iSundowns yabekwa icala lokuhudulela phansi igama lePSL ngalesi senzo.
"ISundowns nomqeqeshi wayo uMosimane, batholakale benecala kulezi zigameko zombili. I-PSL ilinde ukuthi balethe ubufakazi ngaphambi kokuphipha izijeziso," sisho kanje isitatimende sePSL.