ISETHUBENI lokubuyisa izinduku i-Orlando Pirates njengoba izophinde ibhekane ne-Ajax Cape Town emdlalweni weNedbank Cup Last 32 kule mpelasonto.
Umehluko kulokhu wukuthi iPirates izobe isidlalela esibayeni sayo, kwesikaMaminzela e-Orlando Stadium. Umdlalo ungo-8.15 ebusuku ngoMgibelo.
Ufika ngemuva kwesonto iBucs ibuyele ekhaya isuka eKapa izikhotha amanxeba kulandela ukuthi i-Ajax iphazamise umgqigqo wayo kwi-log iyishaya ngo 3-0. Okukhalise kakhulu umqeqeshi weZimnyama, uMilutin “Micho” Sredojevic, ngalo mphumela wukuthi iqembu lakhe liwuphathe wonke umdlalo kodwa lehluleka wukuthola amagoli.
Nokho kulokhu uMicho nezakhe bazobe beshayela phezulu kwazise basule lezo zinyembezi ngokuqumba phansi iMaritzburg United ngo 2-1 e-Orlando Stadium okuwumphumela obakhuphulele endaweni yesibili kwi-log.
Kusemqoka ukudlulela esigabeni seLast 16 kwiPirates njengoba lo mqhudelwano ungelinye ithuba lokujabulisa abalandeli ngokunqoba isicoco.
Injabulo yabalandeli yilona vangeli uMicho alokhu elishumayela kusukela efikile.
Leli qembu laseSoweto lagcina ukuphakamisa indebe ngayo iNedbank Cup ngo-2014 ngaphambi kokushona kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti wayo.
Ekhuluma nabezindaba uSredojevic ngemuva komdlalo weCity,uqhubekile nokugcizelela eyokubuyisa izinsuku zenjabulo kwiHappy People okuyigama abalandeli ababebizwa ngalo iqembu labo lisadla izindebe ngantathu kumasizini edlule.
“Sinombono wethu, okuwukudla izicoco lapha ekhaya nokubuyela emiqhudelwani yeCAF. Sifuna ukukhunjulwa ngokuthile ngesikhathi sethu esisihlale lapha. Ekugcineni kwakho konke siyafisa ukufaka inkanyezi yesibili kulolu phawu,” kusho Sredojevic.
Ukunqoba iNedbank Cup kungayifaka kwiCAF Confederation Cup iPirates egcine ukudlala kuyona ngo-2015 ihlulwa yi-Etoile de Sahel yaseTunisia kowamanqamu.
Ukuthola indawo yokuqala noma eyesibili kwi-log kuzoba yithikithi leChampions League eyagcina kuyona ngo-2013 ishaywa yi-Al Ahly kowamanqamu.
Okunye okuzobhekwa emdlalweni wangoMgqibelo wukuthi ngabe i-Ajax izoqhubeka yini nokubophela uTendai Ndoro.
Ngesikhathi la maqembu ehlangene ngokwedlule kuvele ukuthi iPirates ifake isikhalo ngokudlaliswa kukaNdoro njengoba kunomsindo ngokuthi i-Ajax isiyiqembu lesithathu alidlalelayo ngesizini eyodwa. Imithetho yeFifa ayikuvumi lokho. Icala lingenile kwiDispute Resolution Chamber, i-Ajax yalinqoba kodwa iPremier Soccer League iludlulisele kumahluleli.
Odabeni oluphume kuleli phephandaba izolo. i-Ajax iveze ukuthi ngeke iyeke ukudlalisa uNdoro.