ILAMONTVILLE Golden Arrows naMaZulu bayeke amaphuzu abebewadinga bathola elilodwa ngokwahlukana emdlalweni we-Absa Premiership eClermont izolo ntambama.
I-Arrows ibiwadinga egcwele kwazise inezifiso zokungena
kwiTop 8 kanti Usuthu luhleli kabi eduze kwezembe ekubeni nemidlalo isiyaphela.
Njengoba bekulindelekile uma kubhekene abakhaya isivinini sibe phezulu zisuka ngakho kodwa okufakazelwe ukuthi Usuthu kube yilona oluvula inkundla ngekhanda likaSadate Ouro-Akoriko kade kuyikhona ebithathwe uSiyethemba Sithebe. Usuthu luthola leli goli nje, akulona obeluphethe umdlalo kodwa iqembu lasekhaya yilona ebelibonakala sengathi liwuphethe.
Abafana Bes’thende bebephethe kakhulu isisu yize kuyizivakashi ebezigqishe esiswini ngabadlali abahlanu. UDanny Venter noSanele Mathenjwa bebelihlikihla kucace ukuthi bayadideka oMichael Morton noButholezwe Ncube.
Ngakho belu ukuqina kwesisu se-Arrows, uRichard Matloga utholele iqembu i-free kick ngakwesokunxele. Ithathwe uyena yashaya ipali kwaba nesibhudubhudu lagcina likhale enethini ngomzuzu ka-18. Linanyathiselwa enethini uDevine Lunga.
Kuze kwayiwa ekhefini zishikilisana kodwa kucaca ukuthi womabili amaqembu anabo ubungozi uma eya phambili. Bekungayiwa ekhefini isihamba phambili i-Arrows ukube ithuba elitholwe uSibusiso Sibeko seziyela ngasemaphethelweni esiwombe sokuqala, ulisebenzise ngendlela.
Esiwombeni sesibili i-Arrows ibingaseyona ingozi kangako oSuthwini yize bese kungene noKnox Mutizwa noLerato Lamola, uSteve Komphela adla ngabo kulezi zinsuku. Okwenzekile nje ukuthi Usuthu luthole amathuba amahle kodwa lwawayeka.
Khonamanjalo, umdlalo obekumele ube phakathi kweBloemfontein Celtic neCape Town City umisiwe izolo ngenxa yokungaziphathi kwahle kwabalandeli.