Ezemidlalo

I-Arrows ethubeni lokushovela phansi iChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

UKUPHOXEKA okubhalwe ebusweni kubadlali beKazier Chiefs ngenxa yokusala ngaphandle kwiTop 8 kungase kwande uma iGolden Arrows inqoba kwiSuperSport United

Image: BACKPAGEPIX

NAKUBA iwini yeLamontville Golden Arrows ibukeka ingeke isayifaka kwiTop 8 kodwa imizuzu ewu-45 yomdlalo wayo neSuperSport United owamiswa ngenxa kagesi, isengandisa umonakalo kwiKaizer Chiefs esengozini yokwehlela endaweni ka-10 kwi-log yeBetway Premiership. 

Lo mdlalo obekungoka-1 000 esigabeni esikhulu kuGavin Hunt eqeqesha, awuzange uqhubeke esiwombeni sesibili ngenxa yokucima kukagesi. 

Ngokomthetho wePremier Soccer League (PSL), isinqumo ngalo mdlalo besizothathwa yiDispute Resolution Chamber (DRC) ngoba iqembu lasekhaya bekufanele liqhamuke nesisombululo ngendaba kagesi. Lokhu kuqinisekiswe yiChief Operations Officer (COO) uRonnie Schloss emva komdlalo owawungoFebhuwari 23. 

Kusukela lapho ayikaze isho lutho iPSL ngokungena kwecala kodwa i-Arrows neSuperSport baqinisekise ngeledlule ukuthi umdlalo uzoqhubeka emizuzwini engu-45.

NgoMsombuluko, iPSL ithe lo mdlalo uzobuyela eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, kusasa ngo-12 emini.

Lesi sinqumo sokuphindwa kwalo mdlalo singase silethe izinkinga kwiChiefs nakwiCape Town City ngoba umphumela wale mizuzu engu-45 usengasho okuningi kula maqembu.

IChiefs esiqedile ukudlala isengahlehla kwi-log isuke endaweni yesishiyagalolunye yinqobo uma i-Arrows iwunqoba umdlalo. 

Ukuwina kwe-Arrows enamaphuzu angu-30 kuzoyibeka endaweni yesishiyagalolunye yehlisele iChiefs ena-32 endaweni ka-10. 

Ngesizini edlule iChiefs iqede endaweni ka-10 ngaphansi kwebamba uCavin Johnson, kwaba ngenye yamasizini leli qembu elashaya udaka kunawo wonke kusukela kwasungulwa iPSL ngo-1996.

“Angikungabazi ukuthi singawuwina lo mdlalo yize kuyimizuzu engu-45 kuphela,” kusho uManqoba Mngqithi we-Arrows ngempelasonto.

“Angiboni ukuthi sizokwazi ukushaya amagoli adingekayo ukuze sisuse iRichards Bay endaweni yesishiyagalombili kodwa iwini ngiyibhekile futhi ngiyazi ukuthi singabuya nayo yinqobo uma sizoqhubeka ngendlela esenze ngayo kwiSekhukhune (United)."

Ukuze i-Arrows igudluze iBay, kufanele ishaye amagoli ayisithupha ngaphandle kwempendulo yeSuperSport kule mizuzu engu-45 ezogijinywa phezu kwamagoli kaChristian Saile noVelemseni Ndwandwe njengoba umdlalo waphela ngo 1-1.

ICape Town City isengcupheni enkulu kwazise iSuperSport idinga ukugwema ukungenelwa yigoli kule mizuzu engu-45 okuzoyisiza yeqe leli qembu laseKapa bese kuba yilona eliya kweyokuhlunga.