UMENGAMELI weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, ubona ukungena kweBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) njengegxathu elihle elibheke kwiNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar.
IBafana ijabulise isizwe inqoba iLibya ngo 2-1 eSfax, eTunisia, ngeSonto ebusuku okuyifake kwi-Afcon engoJuni e-Egypt. Amagoli avalelwe phakathi nguPercy Tau - uJordaan amchaze “njengeqhawe lethu” - esiwombeni sesibili.
“Ngijabule kakhulu ngokwenzekile. IBafana ingene ngendlela ekhombise ukuzethemba kwazise umdlalo ubusendaweni abangakhululekile kuyo e-Sfax. Leli yidolobha elisondelene neLibya okusho ukuthi abalandeli bayo abazange babe nenkinga ukufinyelela ngobuningi khona.
“Nani nizibonele ukuthi isimo besingesihle okusho ukuthi bekungadingeki ukuthi iqembu liqine ngokomdlalo kodwa bekufanele lidlale ngenhliziyo liphinde liqine ngokomqondo. Ngicabanga ukuthi likukhombisile lokho. Ngijabule kakhulu ngokubona ukuthi isibuyile le Bafana eqinile,” kusho uJordaan obekhuluma nabezindaba ngemuva kokubuka umdlalo weBafana eSandton lapho iCastle Lager ibithula khona umkhankaso wamaqembu esizwe.
Uthe okumchazile wukuthi uTau wenze lokhu akuthembisile ngaphambi kokuthi baye eTunisia.
“UPercy Tau uyiqhawe lethu. Usithembise amagoli amabili ngaphambi kokuthi bahambe futhi ukufezile lokho. Ngijabule kakhulu.
“Kusemqoka ukuthi siye kwi-Africa Nations Cup ngoba kusho ukuthi sisemaqenjini awu-24 aphezulu e-Afrika. Kusemqoka ukuthi sigcine sikwayisishiyagalombili aphezulu ngoba uma ngoJuni sivumelana (kwiFifa) ukuthi abe wu-48 amaqembu azodlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2022 kusho ukuthi i-Afrika kungenzeka ibe namazwe ayisishiyagalolunye noma ayishumi. Kumele nakanjani siye kwiNdebe yoMhlaba. Amantombazane ka-Under 17, abafana baka-Under 17 no-Under 20 nama-Under 23 (kuma-Olympic) bakwenzile neBanyana. Manje sekusele iqembu elikhulu labesilisa,” kusho uJordaan.
Uveze ukuthi ngaphambi kokuqala amalungiselelo ase-Egypt bazohlangana nomqeqeshi uStuart Baxter babhunge ngendlela abenze ngayo kweyokuhlunga.
“Sizobuyekeza indlela esenze ngayo. Eqoqweni lethu asihlulwanga, sishaye amagoli ayisithupha kwiSeychelles kodwa sabuye sahluleka nokuthola elilodwa (ekuhambeni). Umgqigqo ubalulekile ngoba emqhudelwaneni sizoba nemidlalo emithathu eqoqweni, alikho ithuba lesibili. Kuzomele sikhulume ngalezo zinto uma sesithole umbiko kumqeqeshi kodwa okwamanje ngibongela iqembu nomqeqeshi ngokungena kwi-Africa Cup of Nations,” kusho uJordaan.