Imboni yokubheja eNingizimu Afrika ngenye yezihamba phambili e-Afrika. Kuhlale kuvumbuka ama-site okubheja amasha kuleli ngenxa yokuthi iNingizimu Afrika iyimakethe enkulu uma kukhulunywa ngokubheja online.
Ngaphambi kokuthi iCovid-19 iphazamise izinto eNingizimu Afrika, izigidi zamaphanta bezigcwala ezindaweni zokubheja ezweni jikelele lapho bekufezeka khona amaphupho awo. Ubuchwepheshe besimanje busizile ukukhulisa imboni ngoba manje amaphanta asebheja online ezihlalele emizini yawo.
Nakuba amaphanta amaningi ebheja bese ewina, amanye awaqondi kahle ngezindlela zokubheja, lolu daba luzocacisa kabanzi ngalesi sihloko esivamise ukungaqondwa ngabaningi. Ngabe yini umehluko phakathi kwe-pool betting nama-multibets uma kukhulunywa ngokubhejela ezemidlalo?
Kubalulekile ukuthi sibheke lezi zihloko bese sichaza umehluko.
Iyini iPool Betting?
IPool betting wuhlobo lokubheja lapho kuhlanganiswa iziteki zamaphanta zifakwe ndawonye bese imali ihlukaniselwa lawo aqagele kahle. Isibonelo se-pool betting eNingizimu Afrika yiSportstake 13 lapho amaphanta kufanele aqagele ukuthi imidlalo ewu-13 izohamba kanjani ukuze abambe ijackpot. Kukhona ibetting pool yemidlalo ehlukene okubalwa nelotto. Imiklomelo yakwi-pool icazelwa labo abawinile kanti amaphanta akhokha imali efanayo ukudlala kwipool. Ungathola wonke amasu nokuthi izazi ziqagela ukuthi wubani ozowina kuSoccertips.co.za.
Ayini ama-Multibets?
IMultibet ibuye yaziwe nge-accumulator, wuhlobo lokubheja oluthandwayo lapho odlalayo ekhetha imidlalo ehlukene ayihlanganise ethikithini elilodwa. Umdlalo ngamunye kwi-multibet ubizwa ngomlenze. Kwimultibet isiteki sifakwa emlenzeni wokuqala bese uma uphumelela, okuwinile kutshalwe kabusha emilenzeni elandayela. Lokhu kuchaza ukuthi ukuze iphanta liwine kufanele liwine yonke imidlalo esethikithini ngaphambi kokuthola imali.
Yimuphi umehluko phakathi kweMultibet nePool Betting?
Uma ufaka imultibet, usethubeni lokuzikhethela imidlalo yakho kanti uma udlala ipool betting imidlalo uyayikhethelwa.
Kuma multibets kufanele uwine yonke imilenze ukuze uthole imali kodwa ngepool betting, ungawina neminye imiklomelo uma uhlulwe eminye imilenze kuya ngokuthi ukwipool enjani.
Uma ufaka imultibet, kufanele ukhethe imali ofuna ukuyifaka kodwa ukudlala kwipool imali yokudlala isuke isinqunyiwe.
Imali ewinwa kwipool icazelwa amaphanta awinile kodwa kwimultibet iphanta lisethubeni lokuthatha yonke imali uma liwinile.
Kumapools afana neSportstake, ungakhetha imiphumela emithathu emlenzeni ngamunye, okuyinto ongayenzi uma udlala kuma multibets
Ukuthola eminye imininingwane, vakashela la: https://soccertips.co.za/