ICYNTHIA'S Hive Estate inomthobanhliziyo kwabalangazelela ukubuka owamanqamu weNedbank Cup endaweni epholile.
Image: Sithunyelwe
UKUPHOXEKA kwezinkulungwane zabathandi bebhola abebefisa ukulibuka bukhoma ibhola enkundleni iMoses Mabhida ngoMgqibelo mhla ka-10 kwakhele osomabhizinisi abahlukene ithuba elihle lokuheha amakhasimende.
ICynthia's Hive Estate inomthobanhliziyo kwabangawatholanga amathikithi okubukela umdlalo wamanqamu weNedbank Cup bukhoma eMoses Mabhida.
UPhilisiwe Gumede ongumnikazi wale ndawo ehlela futhi isingathe imicimbi, uthe konke kumi ngomumo kule ndawo yakhe ukwamukela abathandi bebhola abafuna ukushaywa wumoya babuke izinkunzi zaseSoweto zigadulisana enkundleni zifuna isicoco.
ICYNTHIA'S Hive Estate inomthobanhliziyo kwabalangazelela ukubuka owamanqamu weNedbank Cup endaweni epholile.
Image: SITHUNYELWE
Le ntokazi ithi isasasa elavezwa abantu baKwaDukuza namaphethelo mhla iqala ukuhlela usuku lokuphola kubukelwa ibhola ngomdlalo walezi zinkunzi ngonyaka odlule, lenze yabona ukuthi iyadingeka impinda.
"Indawo yami iseduze nomgwaqo omkhulu uR74 futhi ixhumanisa uMaphumulo, KwaDukuza neMandeni kalula nokwenza abantu abasuka kulezi zindawo bakuthakasele ukuphola lapha. Sihlele usuku olumnandi, zikhona iziphuzo nokudla okuconsisa amathe okwenza ukuthi abantu bangakhathazeki ngendlala nangokoma."
Uthi ukuze kulawuleke isibalo sabantu abangenayo, umuntu kumele ebhukhe ngaphambi kokuba afike, aphathe nomnikelo omncane ozoqinisekisa ukuthi uthola iziphuzo zokuthiba ilanga.