Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Ukukhathazeka kubadlali beDurban City ngekusasa labo eqenjini

Sibusiso Mdlalose|Published

ABADLALI nezikhulu zeDurban City ngesikhathi bamukela indebe yeMotsepe Foundation Championship

Image: Isithombe: BACKPAGEPIX

YIZE sekusele isikhathi esincane iningi lamaqembu eBetway Premiership abuyele emakhempini okulungiselela ukuqala kwesizini ezayo ka-2025/26, kodwa abanye abadlali beDurban City esanda kukhushulelwa kwiPremiership basesebumnyameni ngekusasa labo kuleli qembu. 

Ngeledlule umqeqeshi weCity, uSimo Dladla, engxoxweni abenayo neSolezwe Ngempelasonto uveze ukukhathazeka kwakhe ngokungacaci kokuvuselelwa kwenkontileka yakhe, okumenza angazi ngekusasa lakhe kuleli qembu asanda kulikhuphulela kwiPremiership ngokunqoba isicoco seligi yeMotsepe Foundation Championship yesizini ka-2024/25.

Sekungumlando ukuthi leli qembu lize lanikwa ngokusemthethweni yiPremier Soccer League (PSL) indebe yalo yeMotsepe Championship ngoLwesibili olwedlule, kulandela ukuchithwa ngumahluleli weSafa kwamacala ebelibhekene nawo okumangalelwa ngamaqembu amabilli, iJDR Stars neCape Town Spurs, ngomdlali uSaziso Magawana.

La maqembu abesola uMagawana ngokungabhaliswa ngokusemthethweni ekusukeni kwakhe kwiMarumo Gallants ngaphambi kokuqala kwesizini edlule. 

Omunye wabadlali baleli qembu eligodliwe igama lakhe, uveze ukuthi yena nabanye ozakwabo abakazi namanje ngekusasa labo kuleli qembu okudala ukukhathazeka kubona njengoba sezihubela sakusha ngamalungiselelo esizini ezayo. 

“Njengamanje ngisesekhaya, ngemuva kokuba abaphathi beqembu besasinike ikhefu lokuba nemindeni yethu njengoba iPSL igcine isinikezile indebe yethu yeMotsepe Championship ngoLwesibili olwedlule.

Kodwa kuze kube manje angikezwa lutho ngasohlangothini lwabaphathi ngenkontileka yami, noma iyavuselelwa noma cha.

Kuyangikhathaza lokhu ngoba inkontileka yami iyaphela ekupheleni kwale nyanga (uJuni), kodwa abaphathi abakasho lutho. Empeleni akumina ngedwa ongakazi ngenkontileka yakhe. Mhlawumbe sizokwaziswa ngesonto elizayo,” kusho lo mdlali. 

Njengoba leli qembu lizoqala amalungiselelo angesizini ezayo, kulindeleke lisayinise abanye abadlali abanamava okudlala kwiPremiership kuphinde kube nalabo elizobakhulula, ikakhulukazi labo abangadlalanga imidlalo eminingi ngesizini edlule, okubalwa kubona uMphakamiseni Nene, Victor Bakah, ukubala abambalwa.

Khonamanjalo, uMagawana no-Athini Jodwana, yibona badlali baleli qembu okuvela ukuthi sebevuselelwe izinkontileka.

Imizamo yokuthola uhlangothi lukasihlalo weqembu, uFarook Kadodia, ayiphumelelanga njengoba ekhale ngokuxineka emhlanganweni ngesikhathi ethintwa.