UKAMOGELO Sebelebele weBafana Bafana eshikilisana noJoseph Francois weMauritius koweHollywoodbets Cosafa Cup, eDr Molemela Stadium, eBloemfontein
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weBafana Bafana eyibamba kwiCosafa Cup, uVela Khumalo, ubona kufanele bashintshe umshovo emzuliswaneni olandelayo kulandela ukungena ngomcacamezelo kowandulela owamanqamu weHollywoodbets Cosafa Cup ngokubambana ngo 0-0 neMauritius, ngoLwesibili eDr Petrus Molemela Stadium, eMangaung.
IBafana eqede iphezulu kuGroup A weCosafa, idlulele kweyandulela owamanqamu ngenxa yomehluko wamagoli phakathi kwayo neZimbabwe neMozambique yize bezibambene ngamaphuzu amane zontathu ngokulandelana kwazo.
“Into ebiyinkinga kithina kusukela ekuqaleni komqhudelwano ukwehluleka kwethu ukuqedela umsebenzi phambi kwamapali, asiwashayi amagoli.
"Ukwehluleka kwethu ukushaya amagoli nokuhlulwa kwethu emdlalweni wokuvula (neMozambique) yikho okusifakele ingcindezi emidlalweni yethu elandelile ngoba besebezithola benza amaphutha ngenxa yengcindezi yokuba sithole amaphuzu,” kusho uKhumalo.
“Nakanjani emdlalweni wethu olandelayo kuzomele sishintshe ukwenza. Siyazi ukuthi izimbangi zethu esisazodlala nazo zizosihlaziya ngakho kuzofanele sishintshe iqhinga emdlalweni wethu olandelayo.”
UKhumalo ukhala ngamagoli nje, yingoba ezakhe zishaye amagoli amabili kuphela emidlalweni emithathu esigabeni samaqoqo.
IBafana ewuqale ngebatha lo mqhudelwano weCosafa ishaywa yiMozambique ngo 1-0 kowokuvula, ivuke yazithatha ishaya iZimbabwe ngo 2-0 ngoMgqibelo
Inenselelo yokubuyisa isithunzi sayo kulo mqhudelwano odlalelwa kuphela ngamaqembu esizwe ase-Afrika eseNingizimu, njengoba igcine ngo-2021 ukuwunqoba, iguqisa iSenegal (eyayimenyiwe) ngo 5-4 kumaphenathi.
Nyakenye, i-Angola yiyona edle umhlanganiso ngokunenebula iNamibia ngo 5-0 kowamanqamu.
Lo mqhudelwano osungulwe ngo-1997, usunqotshwe yiZambia amahlandla ayisikhombisa, ilandelwe yiZimbabwe amahlandla ayisithupha, neBafana esiwunqobe amahlandla amahlanu.
Imidlalo eyandulela owamanqamu izodlalwa kusasa. Owamanqamu uzadlalwe ngeSonto ngo-3 ntambama, eFree State Stadium, eBloemfontein.