Aphiwe Dyantyi.

ANGASE aphuthwe yiNdebe Yomhlaba yeRugby umdlali wasophondweni kumaSpringboks u-Aphiwe Dyantyi ophika ukuthi usebenzisa izidakamizwa njengoba uhlelo lokuhlola umchamo olwenziwe yiSouth African Institute for Drug-Free Sport (SAIDS) luvundulule isidakamizwa esingagunyaziwe emzimbeni wakhe. 

UDyantyi (24) usezicelele ukuba aphinde ahlolwe umchamo okwesibili kwazise lemiphumela ebuyiswe ngomhlaka 14 Agasti, kungenzeka iphazamise izinhlelo zakhe zokugijima namaSpringboks kwiNdebe yoMhlaba eJapan ngenyanga kaSepthemba nonyaka. 

Ukuhlolwa kwabadlali umchamo kwenziwa ngomhlaka 02 Julayi nonyaka ekhempini yamaSpringboks, kanti lomdlali nguyena kuphela otholakale nesidakamizwa emzimbeni. 

UDyantyi odlalela ama-Emirates Lions kwiVodacom Super Rugby ukhiphe isitatimende ngoMgqibelo, ephika ukuthi usebenzisa izidakamizwa. “Angikaze ngisebenzise izidakamizwa ngaphambilini. Angikaze nangephutha noma ngamabomu ngizihlanganise nezidakamizwa ukuze ngizokhuphula izinga lokudlala enkundleni. Ngikholelwa ekusebenzeni kanzima kanye nokudlala ngendlela emsulwa. Ukutholakala kwesidakamizwa esingagunyaziwe emzimbeni wami kungimangazile kakhulu. Ngokusebenzisana nethimba lami, sizokwenza konke okusemandleni ukuze sithole umsuka wendaba kuphinde kugezeke negama lami,” kuchaza uDyantyi. 

UDyantyi oqokwe njengomdlali omusha ovelele kwi-IRB ngonyaka ka-2018, ubengakaze abonakale kule sizini njengoba ehlushwa ukulimala emsipheni, osekudale ukuthi anciphe amathuba okuthi aqokwe eqenjini lamabhokobhoko elizogijima kwiNdebe yoMhlaba. 

“Njengomdlali webhola lombhoxo kwi-Emirates Lions kanye naseqenjini lesizwe, kuvamisile ukuthi sihlolwe. Kusukela ngahlolwa ekhempini yamabhokobhoko, sekunezikhathi ngiphinda ngihlolwa futhi sengike ngabhekwa umchamo ngaphambilini. Kuyingxenye yomsebenzi wethu ukuba sihlolwe futhi bonke abadlali bayazi ukuthi bazohlolwa amahlandla amabili kuya kwamane njalo ngonyaka. Ukuthatha isidakamizwa esingagunyaziwe kungachaza ukuthi ngiyisilima futhi kuyinto engingasoze ngayenza ngamabomu," kusho uDyantyi.  

Lomdlali uxolisile emaqenjini agijima kuwo iLions kanye namaSpringboks ngodaba lokutholakala nesidakamizwa esingekho emthethweni emzimbeni wakhe waphinde wagcizelela ukuthi uke wahlolwa ngomhlaka 15 Juni kulonyaka kodwa imiphumela yakhona yangaveza lutho olubi. 

UDyantyi usedlale imidlalo engu-13 kumaSpringboks kanti ubeseyintandokazi kubalandeli bamaqembu awadlalelayo ngaphambi kokuphazanyiswa ukulimala. Ugcine ukudlala ngonyaka odlule amaSpringboks ehlulwa yiWales ngo 20 -11 emdlallweni wobungani eCardiff. Umqeqeshi wamaSpringboks uRassie Erasmus uzomemezela iqembu labadlali abangu-31 azofolosa ngalo kwiNdebe yoMhlaba namhlanje emini.