NAKUBA ezethemba ngokwenza kahle kwiComrades Marathon yakulo nyaka kodwa uTete Dijana akafuni ukuzethwesa ingcindezi ngokuthi uzokudla umhlanganiso emjahweni wakulo nyaka.
UDijana (37) weNedbank Running Club akalibonanga elidlalayo kwiComrades yanyakenye. Nokho usabalwa nabagijimi ababhekiwe emjahweni wakulo nyaka njengoba kuzobe kugijinywa kwehliwa kusukwa eMgungundlovu kubhekwe eThekwini, ngeSonto.
Lo mgijimi odabuka eMahikeng, eNorth West, uphethe irekhodi lokwehla lika-5:13: 58 aliqophe kwiComrades yango-2023.
Yize ayesenqobe lo mjaho iminyaka emibili ilandelana, ngo-2022 nango-2023, kodwa nyakenye uDijana wehluleke ngisho ukungena kwabangu-10 bokuqala, elala endaweni ka-14.
“Angenzanga kahle kwiComrades yangonyaka odlule kodwa kulokhu nginokuzethemba okukhulu. Angesabi lutho ngenxa yendlela engizilungiselele ngayo.
Yebo, ngiyakuqonda ukuthi kubhekiwe ukuthi ngingaphinde ngikwazi yini ukwenza kahle uma kwehliwa njengoba ngenza ngo-2023 kodwa angifuni ukuzifakela ingcindezi emjahweni wakulo nyaka.
Engizokulwela nje wukuthi ngingene kwabangu-10 bokuqala, okunye-ke sekuyozenzakalela kona ngokuqhubeka komjaho,” kusho uDijana ngokuzethemba.
Ngaphandle kukaDijana, iNedbank Club igqishe ngezinye izinsephe zabagijimi ezibhekiwe kulo mjaho kwazise yiyona le kilabhu esikhonye kusukela ngo-2019.
Ezinye u-Edward Mothibi, Onalenna Khonkhobe noPiet Wiersma waseNertherlands.
UWiersma ovikela isicoco seComrades asinqobe nyakenye ngesikhathi esingu-5:25:00, uthe: “Nginomuzwa wokuthi umjaho wakulo nyaka uzobe uhlukile kodwa ngizimisele ngokwenza kahle.
Ngeke ngizifakele ingcindezi ngokuthi ngizowunqoba kodwa ngizilungiselele kahle kakhulu."
Phakathi kwezinye izinsephe ezibhekiwe emjahweni wakulo nyaka kubalwa uBongumusa Mthembu we-Arthur Ford, Teboho Sello waseLesotho weMr Price noGivemore Madzinganyama waseZimbabwe ogijimela i-Entsika Athletics Club.
UMthembu (41) ongumakadebona kulo mjaho asewunqobe amahlandla amathathu, nyakeke uphume endaweni yesithupha, uSello waphuma isishiyagalombili, uMadzinganyama wathatha eyeshumi.
Ngaphandle kwalokho abagijimi baKwaZulu-Natal abangosokhaya kulo mjaho wodumo, banenselelo yokubuyisa isithunzi sesifundazwe njengoba kwagcina ngoMthembu ngo-2018 ukudla umhlanganiso kulo mjaho.