Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OweChiefs uyasihlonipha isinqumo sikaBroos ngokuziba uCele

SIBUSISO MDLALOSE|Published

UMDLALI wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uThabo Cele, okunemibuzo ngokushiywa kwakhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana phezu kokuba sefomini kwakhe

Image: Backpagepix

NAKUBA umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, esihlonipha isinqumo sikaHugo Broos sokuziba umdlali wakhe osefomini, uThabo Cele, kodwa umile kwelokuthi ungoseqophelweni eliphezulu. 

UNabi ubekhuluma ngemuva komdlalo weChiefs neRichards Bay FC weBetway Premiership onqotshwe yiNatal Rich Boyz ngo 2-0, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.

Ukuphawula kukaNabi kulandela okomqeqeshi weBafana Bafana, uBroos, obebuzwa ngesizathu sokungambizi umdlali wasesiswini uCele esikimini esizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho ngoLwesihlanu neBenin ngesonto elizayo. Ngesonto eledlule uBroos uthe akamboni umdlali angambiza kwiChiefs ngoba okwamanje ayenzi kahle.

“Uma iChiefs yenza kangcono, nabadlali bayo bedlala kangcono, nakanjani sizobabiza eqenjini lesizwe. Kodwa okwamanje angicabangi ukuthi kufanele ngibabize abadlali bayo ngoba iqembu alenzi kahle kwiligi,” kusho uBroos.

Empeleni uBroos ubebize uRushwini Dortley kuphela kwiChiefs kodwa kwagcina kuphoqeleke ukuba ahoxe ngenxa yokulimala.

UNabi uthe: “Kumele sizihloniphe izinqumo zomqeqeshi weqembu lesizwe ngoba nguyena othatha izinqumo ngabadlali abafanele ukuba seqenjini lesizwe. Kodwa lokho akuwuguquli umuzwa wethu wokuthi uCele ungumdlali omuhle kakhulu noseqophelweni eliphezulu. Nokho siyethemba ukuthi ngokuzayo uzobuyela eqenjini lesizwe. Uma nje eqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla, sizofika leso sikhathi sokuthi abizwe.”

UCele ojoyine iChiefs ngoJanuwari esuka eqenjini laseRussia, iFakel Voronezh, usekhombisile ukuthi kungani leli qembu limsayinisile ngemuva kwesikhathi eyamaniswa nalo kumasizini edlule.

Lo mdlali oyibamba enkabeni yenkundla noseke wadlala naseqenjini lesizwe lika-Under 23 usephenduke isethenjwa eNaturena.

Nakuba ukushaywa kweChiefs yiBay ngeSonto kubukeka kuwanciphisile amathuba okuzibekisela indawo kwiCaf Confederation Cup. Amakhosi asendaweni yesishiyagalombili kwi-log, kodwa uNabi uzwakala engakalilahli ithemba.

“Esimweni esikusona manje sidinga ukuthatha umdlalo ngamunye sibone ukuthi siqeda kuyiphi indawo ekupheleni kwesizini kodwa ngeke sisuke esifisweni sethu esikhulu (sokuzibekisela indawo kwiCaf Confederation Cup).

Ngemuva kwekhefu leFifa, Amakhosi azobuyela ensimini ngokubhekana neLamontville Golden Arrows, ngoMashi 30, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.