UKUTHATHA njengethuba lesibili lezakhe lokuzabalazela ukukhuphukela esigabeni seBetway Premiership ukudlala kumaPSL Promotion Play-Offs umqeqeshi we-Orbit College, uPogiso Makhoye.
I-Orbit eqede endaweni yesibili, neCasric Stars eqede kweyesithathu kwi-log yeMotsepe Foundation Championship, bazoshukana neCape Town City eqede kweka-15 kwi-log yePremiership emidlalweni yokuhlunga ezoqala ngoLwesithathu isongwe ngoJuni 28.
I-Orbit izovula neCasric ngoLwesithathu ngo-3 ntambama, eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga.
“Sisebenze kanzima isizini yonke silwela ukuqeda endaweni engcono kwi-log, ezokwenza sizibekisele indawo kumaPlay-Offs. Phezu kokuba sike saba nethuba lokuhlala esicongweni se-log sigcine siwine iligi, kodwa ukufinyelela kumaPlay-Offs kusho lukhulu kithina ikakhulukazi abadlali bethu okuyisizini yabo yesibili lena bedlala ibhola esigabeni esikhokhelayo seChampionship besuka kwi-ABC Motsepe League,” kusho uMakhoye osuka kwiMotsepe League naleli qembu.
“Ngokwethu ukudlala amaPlay-Offs sikuthatha njengethuba lesibili lokuzabalazela ukukhuphukela kwiBetway (Premiership), ngakho sizibophezele ukusebenza kuze kube ngumdlalo wokugcina.
Siyazi ukuthi le midlalo esiya kuyo ayizukuba lula neze ngoba ifana nempi. ICape Town City izolwela ukufa nokuphila ukugwema ukuyodlala kwiChampioship ngesizini ezayo. Kanjalo neCasric njengathi, nayo ilwela ukukhuphukela kwiBetway.
Sikulungele ukubhekana nempi nokufezekisa iphupho lethu lokufaka iqembu esigabeni esikhulu sebhola eNingizimu Afrika."
I-Orbit yaseNorth West ephumelele kumaPlay-Offs kazwelonke e-ABC Motsepe League ayedlalelwa eMgungundlovu ngesizini ka-2022/23, yaqeda endaweni yesishiyagalolunye kwi-log yeChampionship ngesizini yokuqala ka-2023/2024.
Imidlalo yamaPromotion Play-Off ePSL:
NgoLwesithathu:
Casric Stars v Orbit College (Solomon Mahlangu Stadium, 3pm:
NgoJuni 14:
Cape Town City v Casric Stars (Cape Town Stadium, 3pm)
NgoJuni 18:
Orbit College v Cape Town City (Olympia Stadium, 3pm)
NgoJuni 21:
Orbit College v Casric Stars (Olympia Stadium, 3pm)
NgoJuni 25:
Casric Stars v Cape Town City (Solomon Mahlangu Stadium)
NgoJuni 28:
Cape Town City v Orbit College (Cape Town Stadium)