Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Owe-Orbit uveza okufiswa uSaleng obolekwe kwiPirates

Sibusiso Mdlalose|Published

UMONNAPULE Saleng osebolekiswe yi-Orlando Pirates kwi-Orbit College engomakoti kwiBetway Premiership kuze kuphele isizini ezoqala ka-2025/26

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI we-Orbit College, uPogiso Makhoye, usephumele obala ngokufiswa nguMonnapule Saleng osanda kubolekiswa yi-Orlando Pirates kuleli qembu elikhushulelwa esigabeni seBetway Premiership. 

IPirates iqede ukuqagela obese kudonse isikhathi eside ngoSaleng obekungacaci ngekusasa lakhe kuleli qembu, ikhipha isitatimende esiqinisekisa ukubolekiswa kwakhe kwi-Orbit kuze kuphele isizini ka-2025/26.

USaleng (27) oyintandokazi yabalandeli beZimnyama, wajoyina leli qembu ngo-2021 esuka kwiFree State Stars eyayimthole kwi-Orbit. IPirates yambolekisa kwiMoroka Swallows engakadlali nowokubika umdlalo kodwa yamlanda ngesizini ka-2022/2023, esebatshazwa iNingizimu Afrika yonke. Nokho izinto zishintshile njengoba evele wanyamalala esikimini seZimnyama ngesizini edlule, okuholele ekukhaleni kwabalandeli. Ugcine ukubonakala edlubhe ijezi lePirates ngoDisemba, ngesikhathi ibhekene ne-Al Ahly emdlalweni weCaf Champions League.

“Ngijabule kakhulu ngokufika kukaMonnapule, engikholwa wukuthi ukuba kwakhe yingxenye yaleli qembu kuzoba nomthelela omkhulu ekukhuthazeni iningi labadlali esinabo eqenjini, ikakhulukazi labo abasebancane abangenawo amava okudlala esigabeni sePremiership. 

"Ngisebenzile naye isikhathi eside, ungumdlali ozithobile nosebenza ngokukhulu ukuzinikela ngaso sonke isikhathi, engikholwa wukuthi kuzoba lula kakhulu ukusebenza naye, ikakhulukazi-ke futhi ngoba kufana nokuthi kusekhaya kuyena kuleli qembu,” kusho uMakhoye, ongakufihli ukujabula kwakhe. 

Lo mqeqeshi uveze ukuthi uSaleng ubexhumana naye emtshela ngokulangazelela kwakhe ukuthola ithuba lokudlala.

“Njengomfana okhulele kimi, ngiyaxoxa naye ngaso sonke isikhathi ngakho besidane sixhumana ngocingo sibonana nangamaholide engitshela ngakufisayo ngekusasa lakhe. 

Okuyikhona abehlale ekusho ngaso sonke isikhathi uma ngixoxa naye wukuthi ufuna ukudlala ibhola okuyinto esenhliziyweni yakhe ngaso sonke isikhathi. Ubesho nokusho ukuthi uma kungenzeka iPirates imbolekise, angajabula kakhulu ngoba ufuna ukudlala.

"Kumanje ujabule ukuthi kwenzeke abekufisa ngokuthi agcine ebolekiswe lapha kwi-Orbit, okuyiqembu elifana nekhaya kuyena,” kuqhuba uMakhoye, ezakhe ezizoqala ukuziqeqesha ngoMsombuluko, ukulungiselela isizini ezayo ka-2025/26 ezoqala ngo-Agasti 8.

Akubuzwa ukuthi ukubolekiswa kukaSaleng kwi-Orbit kumbeka ethubeni elingcono lokubuyela ezingeni aziwa ngalo kwazise i-Orbit ifana nekhaya lakhe kwazise wadlala kuyona isayibamba kwi-ABC Motsepe League ngaphambi kokudlulela kwi-Ea Lla Koto. KwiPremiership, wawina umklomelo wePremiership Players' Player of The Season wathola noweMTN8 Last Man Stading ngesizini ka-2022/2023 eyibamba kweZimnyama.