Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OwamaBoks ukumemezele sakuqholosha ukubuya kwakhe

Intatheli YeSolezwe|Published

URASSIE Erasmus usomaqhinga weSaru usesiqedile isigwebo se-International Rugby Board Isithombe: BACKPAGEPIX

USOMAQHINGA wombhoxo kwiSouth African Rugby Union (Saru), uRassie Erasmus, obedingisiwe ekuzihlanganiseni nalo mdlalo, usesiqedile isigwebo.

U-Erasmus wamiswa ngoNovemba nyakenye, wayalelwa ukuthi angazihlanganisi nebhola lombhoxo (okuyisigwebo abesesiqedile). Enye ingxenye yaso ngephele kule mpelasonto njengoba wayeyalelwe ukuthi angasondeli nje enkundleni.

Wazifaka enkingeni ngokugxeka (ngokwenza i-video) kwakhe indlela unondweba wase-Australia, uNic Berry, ayewuphethe ngayo umdlalo ngesikhathi AmaBhokobhoko ebhekene neBritish and Irish Lions, nyakenye.

Lo somaqhinga obewumqeqeshi ngesikhathi AmaBhokobhoko edla isicoco soMhlaba ngo-2019, eJapan, umiswe ekuzihlanganiseni nombhoxo kulandela i-video eputshuke kwiTwitter lapho ayeneka khona amaphutha kanondweba okuyinto ethathwa njengecala elibomvu kwi-International Rugby Board (IRB).

Ukuphela kwesigwebo sika-Erasmus kumenyezelwe uyena lo mqeqeshi ongusomaqhinga kuyona belu i-Twitter ephanyeke khona enye i-video edansela kuyona ingoma, enemicu ethi “Guess who’s back”, yomrepha waphesheya kwezilwandle, u-Eminem.

Lokhu kuphela kokudingiswa kuka-Erasmus kunqamuke ngoLwesihlanu, obekusho ukuthi ushwetshwe yimidlalo yamaBhokobhoko lapho ebevakashele khona eWales kanjalo neRugby Championship esanda kusongwa lapho kukhonye khona iNew Zealand.

Agqashukile amaketango ku-Erasmus ngoMgqibelo ngesikhathi lo mqeqeshi ehambele umdlalo we-United Rugby Championship obuphakathi kweDHL Stormers ne-Edinburgh.

“Ngiyazi kukhona abazoyibona ngendlela yabo le nto engiyenzayo kodwa kumnandi ngempela ukubuyela ezinkundleni. Ngiyalibongela iqembu laseNingizimu Afrika ngokunqoba. Ngiyabonga nakubalandeli bamaStormers abangenzele usuku lwami lwaba mnandi enkundleni,” kusho u-Erasmus ekhasini lakhe le-Twitter.

Umbono ka-Erasmus uzodingeka kumqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Neinaber, njengoba leli qembu lizosonga unyaka ngemidlalo emine emqoka ngaphambi kokuqala koshikishi lokuvikela isicoco somhlaba.

AmaBhokobhoko azovala ngokuhambela e-Europe, lapho ezobakhona nemidlalo emine emqoka ne-Ireland, France, Italy naseEngland.