Aphiwe Dyantyi

SISHAYISA ngovalo isitatimende esishicilelwe kwiwebsite yeDrug Free Sport esiqinisekisa ukubekwa ngokusemthethweni icala kwesilomo samaBhokobhoko, u-Aphiwe Dyantyi.

Okushayisa uvalo ngalesi sitatimende akusikho nje ukuqinisekisa ukuthi isampula lesibili lomchamo wakhe othathwe ngoJulayi 2, linezikhuthazi ezivaliwe ukusetshenziswa kwezemidlalo ngo-2019 okuyi-metandienone, methyltestosterone neLGD-4033.

Okubi ngalesi sitatimende kodwa wukuthi sibhalwe ngendlela ekwenza ubone sengathi akanantuba yokuphunyuka kulesi sife uDyantyi, ogcine esale ngaphandle esikwatini esizomela iNingizimu Afrika kwiRugby World Cup eJapan ngoSepthemba.

“UMnuz Dyantyi usebekwe ngokusemthethweni icala lokusebenzisa izikhuthazimzimba (anabolic steriods nama-metabolites). Yazisiwe iSA Rugby Union, iWorld Rugby neWada (World Anti Doping Agency). Umdlali uzozikhethela ukuthi uvuma icala amukele isigwebo esimfanele ngokwemigomo ye Anti-Doping Codes.

Angeza azozishwelezela abeke abaphuzu okuthi ehliselwe isigwebo. Ngemuva kwalokho isinqumo singathathwa esichaza isigwebo kulandelwa iSAIDS Anti-Doping Rules 2019,” kusho lesi sitatimende.

Siqhuba lesi sitatimende sithi:

“UMnuz Dyantyi unelungelo lokuphikisana necala phambi kwesigungu esizimele sezazimithetho. Uma eliphikisa icala futhi ethi umsulwa, lizohlalelwa engakapheli amasonto amane nokuyilapho kuzodingeka aveze obala ubufakazi obungamkhipha phambili.

“Isigungu sezazimthetho esizimele sizobe sesicubungula ubufakazi ngaphambi kokukhipha isinqumo.”

Bakubeke kwacaca ukuthi akukho okunye abazokuphawula ngaphambi kokuthi kuhlalwe phambi kwesigungu esizocubungula ubufakazi.

UDyantyi (25), uma liphetha ngokumlahla icala, angase amiswe iminyaka emine engadlali umbhoxo okhokhelayo.

Ungumdlali wesithathu omnyama wombhoxo otholakale ekulesi simo. Abanye nguChilliboy Ralepele naye oyiBhokobhoko elakhe icala lizohlalelwa ngoSepthemba 8 noMonde Hadebe owamisa eminyakeni engaphezu kwemine edlule edlalela iCell C Sharks.

UDyantyi bekulindelwe athwale amaBhokobhoko kwiWorld Cup ngemuva kokushisa izikhotha nyakenye ebasela inqwaba yama-try nokumenze waqokwa njengomdlali ofikayo ezingeni lomhlaba oshisa ukubedlula bonke.