STEPHEN MOKOKA
UMGIJIMI wakuleli uStephen Mokoka, ongomunye wabanganakiwe eNingizimu Afrika kodwa abenza kahle emijahweni yaphesheya kwezilwandle, usezinhlelweni zokuthola indondo uma eseyibambe kwi-marathon (42,2km) kwi-IAAF World Championship eseDoha, eQatar ngoSepthemba.

Lokhu kuvezwe umqeqeshi kaMokoka asesebenze naye iminyaka uMichael “Sponge” Seme ngemuva kokuthi lo msubathi ephule irekhodi lika-21.1km e-Argentina ngempelasonto.

UMokoka ungene endaweni yesine eqopha isikhathi esiwu-59.51 eba ngowokuqala waseNingizimu Afrika ukugijima isikhathi esingaphansi kuka-60.00 kuleli banga. Irekhodi ebelikhona elalibekwe uHendrick Ramaala ngo-1997 egijima u-1.00.07.

“Inhloso yethu bekuwukuhlola ijubane lakhe ukuze sibone ukuthi lizobe liwufanele yini umjaho kuma-World Champs. Besifuna ukubona ukuthi uzokwazi yini ukumelana nabagijimi base-Ethiopia nakoKenya ngejubane. Uzikhombisile egijima kwiTwo Oceans ukuthi usesimeni esihle (ayinqobile). Kuthe uma ethola ithuba lokuyogijima e-Argentina sajabula ngoba besibona elinye ithuba lokukhuphula ijubane. Bengimtshelile ukuthi ahlale kubona abone ukuthi uzohamba ibanga elingakanani ehambisana nabo,” kuchaza uSeme.

“Sihlose ukuthola indondo noma ngabe eyamuphi umbala kodwa uma singabuya nesiliva noma igolide kungaba yibhonasi lelo,” kusho uSeme owayeqeqesha uCaster Semenya enqoba indondo yakhe yokuqala ku-800m kumaWorld Champs ngo-2008 eBerlin.

Uthe manje awusekho umjaho azowugijima uMokoka. Ngemuva kwalo mqhudelwano bazobe sebebheka ama-Olympic eTokyo ngonyaka ozayo. UMokoka akalona ivukane kwezokugijima. Unqobe isicoco se-SA Half Marathon ngenyanga edlule.

Usenqobe izicoco eziningi zeShanghai Marathon waba yisilomo khona. Nyakenye unqobe iSanlam Cape Town Marathon ngo-2.08.31 okuyikhona okumfake kumaWorld Championship.

Omunye umgijimi kaSeme owenze kahle e-Argentina, uGlenrose Xaba yize ebegijima okwesibili ku-21.1km. Uqede endaweni yesihlanu ngo-1.09.44.