LWAZI MVOVO
ULWAZI Mvovo odlala ophondweni kwiCell C Sharks uzwelana nomqeqeshi wamaBhokobhoko ozothwala kanzima uma sekufanele akhethe abadlali abawu-15 abazoqala umdlalo uma elesizwe selibhekene neNew Zealand kwiNdebe yoMhlaba ngoSepthemba 21.

Ngokusho kukaMvovo, uzodunyelwa yikhanda uRassie Erasmus opheka amaBhokobhoko uma sekufanele akhethe abazoqala umdlalo ngenxa yethalente analo kubadlali akabakhethile.

Kubukeka kungunyaka omuhle (okwamanje) kumaBhokobhoko njengoba enqobe isicoco seRugby Championship. Bekuyisicoco sokuqala eminyakeni eyishumi.

“Kunzima nxa zonke mangibuka. Kunzima kubadlali ngoba akekho umuntu onendawo ethi yena, ngakho kuzobe kuliwa kubangwa izindawo.

“Ngakolunye uhlangothi naye umqeqeshi * -Erasmus usenkingeni ngoba bahle bonke abadlali anabo ezindaweni ezahlukene. Akusavumi ngilinde kuqale iNdebe yoMhlaba, nginethemba sizohamba ibanga elide,” usho kanje uMvovo odlale amahlandla awu-18 kwelesizwe.

Eqhubeka echaza uMvovo, uthe okumchaze kakhulu kumaBhokobhoko yingesikhathi eshayela ekhaya i-Argentina, eSalta, nathe akuyona neze into elula.

“Kule minyaka edlule, i-Argentina idlala kahle kakhulu. Lokho kuqala ukugqama uma ubuka indlela iJaguares edlale ngayo kwiVodacom Super Rugby nonyaka. Ukuya eSalta akulula neze. Ziyeyisa izihlwele zakuleya ndawo, uyazizwela ukuthi usekuhambeni. Ngiyaziqhenya kakhulu ngokuthi amaBhokobhoko abuya kunzima eSalta, ekubeni aqala alandela ngemuva ngo 5-0. Ngiwafisela inhlanhla kwiNdebe yoMhlaba,” kunezezela uMvovo.

Khonamanjalo iCell C Sharks izobhekana neToyota Free State Cheetahs kowandulela owamanqamu kwiCurrie Cup eToyota Stadium, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.

U-Aphelele Fassi oyi-fullback kwiSharks ukholelwa ekutheni akuwona neze umdlalo onzima, inkani nje uma bezolandela imiyalelo yabaqeqeshi.

“Kufanele senze esikwazi kangcono, singenza okusha esikuqalayo. Sizenzele kwanzima sishaywa imidlalo embalwa kusanda kuqala umqhudelwano iCurrie Cup. Sekungumlando kodwa lokho ngoba sivuke sazithintitha sadlala kahle. Kungenzeka noma yini ngoMgqibelo, kepha angingabazi ukuthi sizonqoba uma senza esikwazi kangcono,” ubeke kanje uFassi.