ISOLEZWE: Umphathi jikelele wePSL owayengunompempe we-FIFA u-Aldrin Andile Baldwin Ncobo nomkakhe uSalomie Twaise Ncobo bavele eNkantolo yeMantshi yaseBellville, bebhekene namacala amathathu okukhwabanisa nokushushumbisa imali ahlobene nomnikelo ka-R15m wezinhlelo zokwakha izikole e-Eastern Cape.
Image: Ayanda Ndamane
NGOMSOMBULUKO mhla ka-5 Meyi umphathi jikelele wePSL owayengunompempe we-FIFA u-Aldrin Andile Baldwin Ncobo nomkakhe uSalomie Twaise Ncobo bavele eNkantolo yeMantshi yaseBellville, bebhekene namacala amathathu okukhwabanisa nokushushumbisa imali ahlobene nomnikelo ka-R15m wezinhlelo zokwakha izikole e-Eastern Cape.
UMbuso usola ukuthi uNcobo nomkakhe baqala uhlelo lokuthola imali enkampanini iPetroleum Oil and Gas Corporation of South Africa SOC Limited (PetroSA) ngendlela yokukhwabanisa bevuna bona, imindeni yabo, kanye/noma izinhlaka ababenentshisekelo kuzo. IPetroSA yayiqhuba uhlelo lweCorporate Social Investment (CSI), olwalubhekele ukuphatha kanye nokunikeza iminikelo yemali ezikoleni eziswele nezincishwe amathuba, izikhungo, noma izinhlelo zokulawulwa kwezinhlekelele. Uhlelo lugxile kwezemfundo, ezempilo, ukuthuthukiswa komphakathi kanye/noma imvelo.
umphathi jikelele wePSL owayengunompempe we-FIFA u-Aldrin Andile Baldwin Ncobo nomkakhe uSalomie Twaise Ncobo bavele eNkantolo yeMantshi yaseBellville, bebhekene namacala amathathu okukhwabanisa nokushushumbisa imali ahlobene nomnikelo ka-R15m wezinhlelo zokwakha izikole e-Eastern Cape.
Image: Ayanda Ndamane
Ngonyaka wezi-2008, isikole iGangatha Junior Secondary School, eMpumalanga Kapa, safaka isicelo somnikelo wokwakha amagumbi amasha okufundela anemishini nefenisha, ibhulokhi yokuphatha enemishini nefenisha, izindawo zangasese, ilabhorethri yesayensi enemishini nefenisha, ilabhorethri yekhompyutha enemishini nefenisha, ukuthuthukisa inkundla yezemidlalo nokufaka ucingo lokuvikela.
IPetroSA yenza isivumelwano sokuthi inikele ngo-R13m ukuze kwakhiwe kabusha isikole. IKing’s Gangatha Building Trust, engabhalisiwe, yasungulwa ukuze kube lula uxhaso nokwakhiwa kabusha kwesikole.
UNcobo ubengamele futhi ephethe lo msebenzi wokwakha owaqala ngoNovemba 2008 waphothulwa ngoSepthemba 2009. Isikole asikaze simgunyaze ukuthi abambe njengommeleli waso noma aqokwe njengomphathi wephrojekthi ukuthi abheke futhi aphathe ukwakhiwa.
I-PetroSA yaqoka ama-quantity surveyors ukuthi ahlole inani lezinsizakalo ezinikezwayo lapho kuvela izinsolo zokungahambi kahle nokukhwabanisa emnyangweni we-CSI. Lokhu kwembula ukuthi imikhiqizo esetshenzisiwe, namasevisi anikezwayo ayengezinga eliphansi futhi ayengahambisani nenani leminikelo eyenziwe. Izindleko zaba ngu-R5, 9m kuhlanganisa no-14% weValue Added Tax (Vat). Kwatholakala ukuthi kuzobiza iPetroSA enye u-R398 363 ohlanganisa no-14% weVat ukulungisa izinkinga.
UMbuso usola ukuthi uNcobo waveza okuningi okungelona iqiniso ngesikhathi efaka isicelo soxhaso kuPetroSA ngeKing’s Gangatha Building Trust futhi esebenzisa nezincwadi ezingaqondile ezisekelayo ezathunyelwa emahhovisi abo ukuze kuqinisekiswe isicelo nokugunyazwa komnikelo.
Kwesinye iphrojekthi, iNqadu Pre-Grade R School yacela kwaPetroSA ngomnikelo wokwakha isikole esisha senkulisa ngo-2008. Isicelo saphothulwa, kungunkosikazi kaNcobo okwakuxhunyanwa naye kulokhu. IPetroSA yasamukela isicelo futhi yakhokha u-R485 450 ku-akhawunti yasebhange iGreat Kei.
Ummangalelwa wokuqala uNcobo wabikela uthishanhloko ukuthi wakha inkulisa kulesi sikole ngemali yakhe. Ubengamele ukwakhiwa, kodwa akukho fenisha namathuluzi okufundisa alethwa esikoleni. Abantu ababhalwe njengamalungu ebhodi ale-Trust eyathola uxhaso aveza ukuthi awazi lutho ngokuba amalungu ebhodi layo futhi bayaphika nokuthi yibona abasayina amaphepha athunyelwa kuPetroSA.
umphathi jikelele wePSL owayengunompempe we-FIFA u-Aldrin Andile Baldwin Ncobo nomkakhe uSalomie Twaise Ncobo bavele eNkantolo yeMantshi yaseBellville, bebhekene namacala amathathu okukhwabanisa nokushushumbisa imali ahlobene nomnikelo ka-R15m wezinhlelo zokwakha izikole e-Eastern Cape.
Image: Ayanda Ndamane
IPetroSA iqale uphenyo lwangaphakathi ngokophiko lwayo lwe-Risk and Compliance, ngemuva kokuthola ukuthi imali eyatshalwa ezikoleni ezahlukene lapho abammangalelwa bethinteka khona akuzange kube nemiphumela eyayihlosiwe. Ama-quantity surveyors athole ukuthi kuzobiza enye iPetroSA u-R20 093 ohlanganisa no-14% weVat ukulungisa izinkinga esikoleni saseNqadu Pre-Grade R. Imali ekhokhwa ngokungemthetho imayelana no-R15,19m owanikezwa ama-akhawunti asebhange eGangatha Projects, Eseswe Projects, Aldrin Andile Baldwin Ncobo Charity Institute, Aldrin Andile Baldwin Development ILE PR.
Amarekhodi eCompanies, and Intellectual Property Commission (CIPC) aveza ukuthi iGangatha Projects ibingeyona inkampani ebhalisiwe. I-Ace Ncobo Development ILE Projects Close Corporation yabhaliswa kanti abasolwa bangabaphathi ngokuphelele kuyo. I-Eseswe Projects kanye ne-Aldrin Andile Baldwin Ncobo Charity Institute bekungezona izinhlaka ezibhalisiwe.
Laba bammangalelwa bafake izicelo zebheyili namhlanje, uNcobo unikezwe ibheyili ka-R50 000 umkakhe yena wathola ibheyili ka-R30 000.
Icala labo lahlehliselwa umhlaka-29 Meyi 2025 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.