AKUSIKHO nje ukuthi umdlalo wesithathu wamaBhokobhoko kwi-20221 Castle Outgoing Tour ne-England eTwickenham, uzoba ngowamagqubu kodwa kuningi okuzoba nomthelela ekutheni kuguge utshani.
Igqubu livela ekutheni kuzobe kungokokuqala amaBhokobhoko ebhekana ne-England kusuka eyiguqise ngo 32-12 emdlalweni wamanqamu weRugby World Cup ngoNovemba 2019 eBritain.
AmaBhokobhoko awunqobe ngo 2-1 umjikelezo wamaBritish & Irish Lions, ebigabe ngenqwaba yabadlali beNgilande, eNingizimu Afrika ngoJulayi.
Kulapho-ke kuvuke khona isimo esizokwenza okubangwa namuhla ngo-5.15 kujiye nakakhulu.
Komunye kungabukeka njengombimbi lokucindeza amaBhokobhoko ukuthi ngoLwesithathu iWorld Rugby ikhiphe isigwebo somqondisi wombhoxo, uRassie Erasmus, nabaqashi bakhe, iSA Rugby.
Ngemuva kophenyo lwesigungu esizimele, iWorld Rugby ithole u-Erasmus enecala lokudicilela phansi igama lombhoxo emuva kwezinsolo abekwe zona ngo-Okthoba zokugxeka evidweni izinqumo zikanondweba emdlalweni wokuqala wamaBhokobhoko neB&I Lions ngoJulayi.
U-Erasmus waveza izigameko ezingu-26 ezenziwa ngunondweba, uNic Berry, nathi zashaya eceleni.
U-Erasmus ubethweswe amacala ayisithupha kanti utholwe enecala kuwo wonke.
Ngalokho ugwetshwe kusuka manje ukuthi angazibandakanyi nombhoxo ezinyangeni ezimbili waphinda wadingiswa kuzo zonke ezinye izinto ezithinta umbhoxo (kubalwa ukuqeqesha, ukuxhumana nonondweba nabezindaba) kusuka manje kuze kushaye uSepthemba 2022.
Uxwayiswe nangokuthi angatholakali enecala elifanayo waphinde wayalelwa ukuba axolise konondweba.
Akusikho lokho kuphela kodwa kwenzeka lokhu nje, kuphume namagama abaqokwe emiklomelweni yokuvelela embhoxweni womhlaba kulo nyaka kanti abadlali bamaBhokobhoko nabaqeqeshi bawo bakhale ngaphansi kwebhasi.
Akubuzwa-ke ukuthi konke lokhu kuzosebenza ukunqinda amaBhokobhoko amaqakala uma esebhekene ne-England.
U-Erasmus uveze ukuthi uzofaka isicelo sokujika isigwebo.