U-APHELELE Fassi odlalela amaSharks ezama ukudlubulundela kuBenhard Janse van Rensburg weCheetahs emdlalweni weCurrie Cup Isithombe: BACKAPAGEPIX

UKULIMALA kwesiphekepheke esingu-Aphelele Fassi kuqede wonke amathemba namathuba okuthi iCell C Sharks izibeke ethubeni lokuvikela isicoco seDirect Axis Currie Cup esizobangwa iFree State Cheetahs ne-Emirates Airlines Golden Lions eBloemfontein ngoMgqibelo ozayo.

ISharks, ebiwuphethe umdlalo owandulela owamanqamu obuseToyota Stadium, eBloemfontein, ngempelasonto, igcine isibuka izithende zabadlali beCheetahs abese bezenzela ngama-try emuva kokuba kulimale uFassi. Kuyiwe ekhefini iSharks izigenqezela phambili ngo 21-11 kodwa kwashintsha konke esiwombeni sesibili. Ukulimala kukaFassi kuyishintshe yonke indlela iSharks ebidlala ngayo. Ukuphuma kwakhe kukhombise ngokusobala ukuthi ubuhlakani bakhe yibona obebenza iSharks idlale into ebonakalayo.

UJunior Pokomela weCheetahs uzitholele ama-try amabili waphenduka iqhawe emdlalweni ogcine uphele ngo 51-30 kunenebulwa iSharks. Abebewulandela kahle umqhudelwano kule sizini akuzange kubethuse ukuqala ngegiya eliphansi kweCheetahs kwazise iyona indlela ebidlala ngayo kule sizini.

Njengoba bekulindelekile, iSharks iyona eqale ngamandla kwacaca futhi ukuthi ihamba nawo umdlalo. Kushintshe konke lokhu esiwombeni sesibili sekulimele uFassi. ICheetahs ubusungayiphikela ukuthi ngesizini edlule ibikade ibambe ibhuleki kwazise ibisiyicindezele ngale ndlela yokuthi ayikho indlela yokuphuma iSharks edle isicoco nyakenye.

UFassi, obewukhiye koShaka, ulimale esakhele ozakwabo ama-try amabili kwathi amanye ashaywa oCurwin Bosch, Lwazi Mvovo noSanele Nohamba naye odlale kahle kakhulu.

Komunye umdlalo iLions inenebule iGriquas ngo 34-19 eGoli. Kulo mdlalo ogijinywe kuqala kunoweCheetahs neSharks, iqembu lasekhaya lishaye ama-try amane. Kule sizini iLions ishaywe kabili kuphela ekhaya ngakho-ke bekuvele kulindelekile ukuthi izibekisele indawo kowamanqamu.