SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni kodlalele amaBhokobhoko, iVodacom Bulls, Toyota Cheetahs namanye amaqembu, uCornal Hendricks.
Lo mdlali (37) kubikwe izolo ebusuku ukuthi udlule emhlabeni ngenxa yesifo senhliziyo.
UHendricks, odabuka eWellington, eduze naseKapa, wafunda eBergrivier High School, ngaphambi kokuthi angene embhoxweni okhokhelayo edlalela iBoland Cavaliers kusukela ngo-2008 kuya ku-2012.
Ngo-2012 waqala ukudlalela iqembu lesizwe lombhoxo weSevens, amaBlitzbokke, wanqoba nalo indondo yegolide kumaCommonwealth Games ango-2014.
Ngawo lowo nyaka wathathwa iqembu laseFree State, iCheetahs, waphinde wadlalela amaBhokobhoko okokuqala ebhekene neWales ngoJuni eKing's Park Stadium.
Ngo-2016 kwatholakala ukuthi unesifo senhliziyo ngesikhathi elungiselela ukujoyina iDHL Stormers, walulekwa ngodokotela ukuba awushiye umbhoxo eneminyaka engu-27.
Lo mdlali obegijima endaweni ye-wing enkundleni wabuyela embhoxweni ngo-2018 ngemuva kokuxoxisana nabanye ongoti, wasayiniswa yiBulls, lapho edlale khona imidlalo engu-72 kwiSuper Rugby ne-URC nengu-42 yeCurrie Cup.
Ngasekupheleni konyaka odlule kumenyezelwe ukuthi ubuyela eqenjini langakubo, iBoland.
Wadlala imidlalo engu-12 kumaBhokobhoko, washaya ama-try amahlanu.
Ushiye emhlabeni umkakhe, uStephany, nezingane ezimbili.