INJINI yasesiswini kwi-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula, osekuqinisekisiwe ukwelulwa kwenkontileka yayo kuleli qembu ebiphela ngokusongwa kwale sizini
Image: BACKPAGEPIX
SEZIPHOTHULIWE izingxoxo ngokwelulwa kwenkontileka yenjini yasesiswini kwi-Orlando Pirates, uMakhehleni “Cash” Makhaula, engomunye wabadlali abayizinsika zaleli qembu laseSoweto.
Lokhu kuqinisekiswe yimenenja yalo mdlali, uSizwe Ntshangase, ethintwa yiSolezwe izolo mayelana nenkontileka yalo mdlali ebizophela njengoba kusongwa isizini ka-2024/25.
UMakhaula (35) usedlale amasizini amabili nohhafu kwiPirates ayijoyine maphakathi nesizini ka-2022/23 esuka kuMaZulu FC.
“Engingakuqinisekisa wukuthi izingxoxo zethu nePirates zihambe kahle kakhulu, zenelisekile zombili izinhlangothi. Sekusele ngasohlangothini lwayo iPirates ukuthi ikhiphe isitatimende esisemthethweni ngenkontileka kaMakhaula nobungako bayo,” kusho uNtshangase, engathandi ukuphumela obala ngeminyaka yenkontileka kaMakhaula.
“Mina ngiyaye ngingathandi ukwanda ngokuningi (kwabezindaba) ngenkontilela yomdlali engimumele, kodwa okuningi ngikushiyela iqembu lakhe uma sesiziphothuliwe izingxoxo nalo.”
Yize imenenja kaMakhaula imathintanyawo ngesikhathi senkontileka kaMakhaula, kodwa kuvela ukuthi lo mdlali welulelwe ngonyaka owodwa njengoba beyizophela ngoJuni 30.
Lo mdlali odabuka eMohlakeng, eRandfontein, owaphazanyiswa wukulimala ekufikeni kwakhe kweZimnyama kodwa ulibambe ngazo zombili ithuba alinikwe ngumqeqeshi osanda kushiya, uJose Riveiro, wagcina ephenduka insika nesethenjwa kuleli qembu.
Uklame indima ebonakalayo empumelelweni yeZimnyama anqobe nazo izicoco ezimbili zeMTN8 nezimbili zeNedbank Cup kula masizini amathathu edlule. Ngenkathi zifinyelela kowandulela owamanqamu weCaf Championship League kule sizini, ukhathule indima ebonakalayo.
Naphezu kweminyaka yobudala, uMakhaula odlala indawo yokuphunga izitha enkabeni yenkundla, udlale imidlalo engu-44 okubalwa engu-13 yeChampions League nengu-22 yeBetway Premiership.
Kule sizini ukhombise ukudlala ngokukhulu ukuzwana noThalente Mbatha enkabeni yenkundla, kanti ngesizini ezayo kulindeleke abange ijezi noSihle Nduli osanda kusayiniswa yilezi zingqungqulu zaseSoweto.
Related Topics: