UKUQALA koshikishi ngempelasonto ezayo kweFifa Club World Cup ezobanjelwa e-USA, kuzothiba indlala kubalandeli nabathandi bebhola emhlabeni kwazise amasizini amaninigi ebhola asephelile, okubalwa kuwona i-English Premier League, La Liga, Serie A, Bundesliga, neLigue 1 okungamaligi alandelwa kakhulu emhlabeni.
Lo mqhudelwano odlalelwa ngamaqembu angaphansi kwe-UEFA, CONCACAF, CONMEBOL, AFC, OFC, neCAF, kungokokuqala kulo nyaka ukuthi udlalelwe ngamaqembu angu-32.
Phakathi kwamaqembu abhekiwe kulo mqhudelwano kubalwa iReal Madrid, Bayern Munich, Juventus, Chelsea, Manchester City, Inter Milan, Benfica, Fluminense, Inter Miami neParis Saint-Germain (PSG) esanda kudla isicoco se-Uefa Champions League.
Ngaphandle kwamanye amaqembu abhekiwe, iMan City okuyiyona engompetha abavikela isicoco seClub World Cup iya kulo mqhudelwano iqhugeza ikakhulukazi njengoba ingabanga nesizini enhle.
Ngaphandle kokwehluleka ukuvikela isicoco sayo se-English Premier League ebisisinqobe amahlandla amane amasizini elandelana, iMan City ayenzanga kahle kwiChampions League lapho khona iphume esigabeni samaqoqo, akwangagcina lapho yaphinda yaphunyukwa ngesinye isicoco ishaywa yiCrystal Palace kowamanqamu eFA Cup.
Ngakho iClub World Cup kubukeka sekuyiwona mqhudelwano iMan City esenethuba lokulwela ukuwunqoba ukuthoba izinhliziyo zabalandeli bayo nokubuyisa isithunzi ngaphambi kwesizini ka-2025/26.
Leli qembu elicijwa nguPep Guardiola liza kulo mqhudelwano nje lisanda kulahlekelwa yisethenjwa salo senjini yasesiswini nokaputeni, uKevin De Bruyne, ongayivuselelanga inkontileka yakhe ebiphela kule sizini esanda kusongwa.
Le nkalimeva yomdlali wasesiswini edabuka eBelgium nebisinqobe izicoco ezingu-19 okubalwa kuzo neseChampions League nalezi zingqungqulu zase-England, sesikhonjwa kwiNapoli yase-Italy esanda kunqoba isicoco seligi yeSerie A.
Yize esanda kulahlekelwa ngomunye wabadlali bakhe abamqoka, kodwa kuthe gidi kuGuardiola kubuya enye injini yakhe yasesiswini, uRodri, obesehlale isikhathi engadlali ngenxa yokulimala.
Lesi siklwibishi somdlali wasesiswini odle isicoco seBallon d’Or ngesizini ka-2023/24, odlale umdlalo wakhe wokuqala iMan City idlala neBournemouth kowePremier League ngaphambi kokuphela kwesizini edlule, ukululama kwakhe kufike ngesikhathi esifanele leli qembu limdinga.
Kwenzeka lokhu nje leli qembu lisanda kusayinisa enye injini yasesiswini, uTijjani Reijnders osuka kwi-AC Milan, naye okulindeleke abonakale okokuqala edlubhe okokuqala ijezi laleli qembu kulo mqhudelwano.
IMan City ivula iClub World Cup ngokubhekana neWydad Casablanca yaseTunisia, ngoJuni 18, eLincoln Financial Field, ePhiladelphia.
Imidlalo yesigaba samaqoqo yeFifa Club World Cup:
NgoJuni 15:
Al Ahly v Inter Miami, 2am; Bayern Munich v Auckland City, 6pm; PSG v Atletico Madrid, 9pm
NgoJuni 16:
Palmeiras v Porto,12am, Botafogo v Seattle Sounders, 4am; Chelsea v Leon
NgoJuni 17:
Boca Juniors v Benfica, 12am; Flamengo v ES Tunis, 3am; Fluminense v Borussia Dortmund, 6pm; River Plate v Urawa Reds, 9pm
NgoJuni 18:
Ulsan v Mamelodi Sundowns, 12, am; Monterrey v Inter Milan, 3am; Man City v Wydad AC, 6pm; Real Madrid v Al-Hilal, 9pm
NgoJuni 19:
Pachuca v RB Salzburg, 12am; Al Ain v Juventus, 3am; Palmeiras v Al Ahly, 6pm; Inter Miami, 9pm