Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

AmaBlitzboks aqale ngonyawo oluhle eTokyo

Published

USIVIWE Soyizwapi ngomunye wabashaye ama-try iqembu lakuleli leSevens Rugby lihlula iKenya emdlalweni wesibili kaPool C namuhla kuma-Olympics aseTokyo, eJapan Isithombe: BACKPAGEPIX

XOLILE MPISANE

LIQALE ngegiya eliphezulu kumaTokyo Olympics iqembu lakuleli le-rugby sevens, amaBlitzboks, linqoba imidlalo emibili yokuqala yamaqoqo.

Yize noma umqeqeshi waleli qembu esavalelwe emva kokutheleleka ngeCovid-19, kubukeka sengathi amalungiselelo alo awaphazamisekanga kakhulu.

AmaBlitzboks anqobe umdlalo wokuqala kuPool C ngoMsombuluko ekuseni, edla i-Ireland ngo 33-14 eTokyo Stadium.

Ama-try eqembu lakuleli kulo mdlalo ashaywe u-Zain Davids, Justin Geduld, Chris Dry noStedman Gans. Amanye amaphuzu aqhamuke kuma-conversion amane akhahlelwe uSelvyn Davids.

EzikaPowell ziphinde zasebenza kanzima emdlaweni wesibili, ziguqisa i-Kenya ngo 14-5. UDavids noSiviwe Soyizwapi bashaye ama-try kulo mdlalo, eyokubika yeKenya yabekwa uCollins Injera.

Kweminye imidlalo kuPool C, i-United States of America (USA) idle iKenya ngo 19-14, yaphinde yaguqisa i-Ireland ngo 19-17.

I-USA isesicongweni ngamaphuzu ayisithupha, ilandelwe amaBlitzboks, nawo aseqoqe ayisithupha. Womabili la maqembu asezibekisele indawo kuma-quarterfinal.

IKenya ne-Ireland babambene ngamaphuzu amabili kanti sebezolwela ukuba semaqenjini amabili azoqeda endaweni yesithathu azodlulela kumakota.

AmaBlitzboks asezobanga ukuqeda esicongweni ne-USA uma la maqembu esetholene phezulu kusasa ekuseni ngo-4:30.