Isithombe U-LUCAS Radebe osephinde waphakanyiswa kwesokungenela ukhetho lokuba ngumengameli weSouth African Football Association (Safa)
Image: BACKPAGEPIX
OWAYENGUKAPUTENI weBafana Bafana, uLucas “Rhoo” Radebe, ubona sesifikile isikhathi sokuthi ibhola laseNingizimu Afrika libe nomholi ozolithatha alibeke kwelinye izinga, libuyelwe yisithunzi nenhlonipho.
URadebe (56) owahola iBafana iqala ukudlala kwiNdebe yoMhlaba yeFifa yango-1998 eFrance, neka-2002 eKorea-Japan, ubenengxoxo ekhethekile ne-IOL enguzakwabo weSolezwe.
Emasontweni adlule, uphakanyiswe njengomunye okufanele angene esikhaleni sikaDanny Jordaan ongumengemeli weSouth African Football Association (Safa). Ukhetho lobuholi obusha baSafa luzoba ngoSepthemba. UJordan (74) wakhethwa okokuqala ngo-2013.
Usevivela ukhetho okwehlandla lesine nje, ulandelwa yizinsolo zenkohlakalo ezithinta ukungaphathwa kahle kwemali kwiSafa, ezivele nyakenye emithonjeni yezindaba waze wavela enkantolo.
Uma uRadebe elungenela ukhetho lwakulo nyaka uzobe esezama okwesibili kwazise nango-2018, wake wazama kodwa wanqindwa yimithetho yeSafa edinga ukuthi abangenele ukhetho babe ngabantu abangamalungu asezinhlakeni zale nhlangano kusukela ezingeni lesifunda.
Ukhetho luka-2018, lwalungenelwe nangu-Ace Ncobo owayengunompempe kwiPremier Soccer League (PSL) osewathatha umhlalaphansi. Wakhala ngaphansi kuJordaan owabuyela ngo-elethu kwesokuba ngumengameli okwehlandla lesithathu.
“Ibhola lethu (laseMzansi) lidinga inqubekela phambili. Sidinga ukulithatha silibeke kwelinye izinga.
“Eqinisweni sidinga umuntu ozosithatha asibeke kulelo zinga elizobuyisa izinsuku zenjabulo ebholeni lethu, hhayi enkundleni kuphela kodwa nangale kwenkundla, libuyelwe yisithunzi nenhlonipho,” kusho uRadebe owayengukaputeni weLeeds United edlala kwi-English Premier League.
Phakathi kwabaphakamisa uRadebe, kubalwa inhlangano yezinkakha zebhola iSouth African Masters and Legends Football Association (SAMLFA) eholwa nguBhudda Mathathe.
Kukhona nabalandeli bebhola bakuleli ababona uRadebe engaletha uguquko uma engagcina ngokukhethwa kwesokwengamela iSafa.
Ebuzwa ngokungenela kwakhe ukhetho, uRadebe uthe: “Ngokwami, yonke into yenzeka ngesizathu. Futhi yonke into kufanele kube nesikhathi khona iba noguquko.”
Uma uRadebe egcina ngokuba ngumengameli weSafa, uzolandela ezinyathelweni zezinye izinkakha zebhola zase-Afrika okubalwa kuzo uKalusha Bwalya owake waba ngumengameli weFootball Association of Zambia noSamuel Eto’o ongumengameli weCameroonian Football Association.
Related Topics: