Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

ISharks izobhekana ‘nesivunguvungu’ eKapa

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI waphambili weSharks, uBongi Mbonambi.

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

IHOLLYWOODBETS Sharks kuzodingeka isheshe ikudlulise ukuphoxeka kokuphuma ekuseni kwi-European Champions Cup njengoba isizodlala imidlalo emibili ilandelana neqembu elihamba phambili kwu-United Rugby Championship, iDHL Stormers.

ISharks iqede endaweni yesihlanu eqoqweni layo kwiChampions Cup yize iwunqobe ngamalengiso umdlalo wayo wokugcina ewudlale neqembu laseFrance, iClermont Auvergne.

Nakuba liwunqobile omunye wamaqoqo kulo mqhudelwano libhekene neSaracens kodwa ukukhala ngaphansi kweminye imidlalo, lidlala neToulouse neSale Sharks, kuholele ekutheni iqembu likaJP Pietersen lingadluleli kwiLast 16 yeChampions Cup, lehlele esigabeni esifanayo kwi-EPCR Challenge Cup.

Kodwa-ke kufanele liwubeke eceleni lowo mqhudelwano okwamanje njengoba lilungiselela ukududulana neStormers eDHL Stadium eKapa ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku.

ISharks isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisishiyagalombili.

Izobhekana neStormers eqhwakele ngamaphuzu angu-36 futhi eyinqobe yonke imidlalo eyisishiyagalombili esiyidlalile.

Umdlali waphambili weSharks, uBongi Mbonambi, ulindele ukuthi kusebenze amandla kakhulu kulo mdlalo njengoba kujwayele ukwenzeka uma kubhekene amaqembu aseNingizimu Afrika.

“Kuzoba wumdlalo ojwayelekile ohlanganise amaqembu aseMzansi. Wonke umuntu uyazi ukuthi kuzozwanwa amandla njengoba kuzobe kudlala amaqembu amabili azodudulana umdlalo uqala uze uyophela,” kusho uMbonambi.

“IStormers idlala kahle kakhulu kule sizini kuyona yomibili imiqhudelwano. Iqinile kakhulu uma kududulwana kuma-maul nakuma-scrum ngakho-ke sibheke ukuthi kube nempi enkulu phakathi kwabadlali abayibamba phambili.”

Ngesizini edlule iSharks yanqoba iStormers ngo 21-15 eThekwini, yafike yashaywa ngo 24-20 eKapa.

La maqembu azophinde atholane phezulu eHollywoodbets King Park eThekwini ngoJanuwari 31.