UMONNAPULE Saleng othathe ejabula nozakwabo beMamelodi Sundowns ngemuva kokuhlula i-Orbit College koweBetway Premiership ngoMsombuluko eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli
Image: BACKPAGEPIX
UQINISEKISE abalandeli beMamelodi Sundowns umqeqeshi waleli qembu, uMiguel Cardoso, ukuthi kusazomele balinde okungenani izinyanga ezimbili ngaphambi kokubona uMonnapule Saleng elithinta edlubhe ijezi laleli qembu lasePitoli.
USaleng okube nesasasa esayiniswa yiSundowns emasontweni amabili edlule esuka kwi-Orbit College lapho abebolekiswe khona yi-Orlando Pirates, ubehlezi nezihlwele ngenkathi iSundowns iguqisa i-Orbit ngo 2-0 koweBetway Premiership ngoMsombuluko eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Lesi sihlabani somdlali wasophondweni, sibawa nabadlali abathathu abasanda kusayiniswa yiSundowns kuleli windi likaJanuwari. Abanye yisitobha uKhulumani Ndamane nomgadli uBrayan Leon waseColombia.
ULeon ubingelele ngegoli emdlalweni wakhe wokuqala edlubhe ijezi leDowns, eshaya igoli lesibili emdlaweni wangoMsombuluko ne-Orbit.
“USaleng ungumdlali weqembu lesizwe eNingizimu Afrika. Besifuna ukusayinisa umdlali okwazi ukunqoba imidlalo, umdlali onamava.
Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu, onekhono elingangatshazwa, njengoba nomqeqeshi weqembu asuka kulona, i-Orbit, ubengawuvali umlomo ngobumqoka balo mdlali eqenjini lakhe,” kusho uCardoso echazela abezindaba ngokungabonakali kukaSaleng emdlalweni wangoMsombuluko.
Lo mqeqeshi okholwa wukuthi uSaleng ufike nokuhlukile kwanakho eqenjini lakhe njengamanje, uthe ukusayinisa lo mdlali ekulesi simo kuyinkomba yokuthi leli qembu lilithemba kangakanani ikhono lakhe.
“Kuzothatha isikhashana khona ukululama kwakhe futhi sidinga ukuba nesineke. Ezinyangeni ezimbili uzobe esegila izimanga yize kusengenzeka abuye ngaphambi kwalokho uma elulame ngokushesha,"kusho uCardoso.
IDowns ekleliswe kuGroup C wesigaba samaqoqo seCaf Champions League, izodlala ne-Al Hilal Omdurman yaseSudan ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Related Topics: