UHENDRICK Ekstein ongomunye wabadlali abamqoka kuMaZulu FC leli qembu elithembele kubona ekulithwaleni kule sizini ekufezekiseni umgomo walo wokuqeda libalwa namaqembu aphezulu kwi-log yeBetway Premiership
Image: BACKPAGEPIX
OWAYENGUMDLALI waMaZulu FC eminyakeni edlule, uNhlanhla “Shakes” Zwane, ukholwa wukuthi leli qembu linazo izikhali ezanele zokufeza umgomo wokuqeda isizini liphakathi kwamaqembu amane aphambili kwi-log yeBetway Premiership.
AmaZulu kuyiwe ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon) esendaweni yesihlanu kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-14, ehlukaniswe wumehluko wamagoli neKaizer Chiefs esendaweni yesine ngamaphuzu alinganayo.
Usuthu luzosonga umzuliswano wokuqala wesizini ka-2025/26 yePremiership ngomdlalo wasekhaya ne-TS Galaxy eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJanuwari 25.
“Ngendlela AmaZulu asayiqale ngayo isizini ngibona esayibambe ngakho ngokomgomo azibekele wona wokuqeda kwiTop 4. Kufanele balwele ukugcina umgqigqo owodwa nakweminye imidlalo, kungabi ngukuthi badlala kahle kulo mdlalo bese behlisa izinga kolandelayo, okuyinto engicabanga ukuthi uyayilungisa umqeqeshi u-Arthur (Zwane) nethimba lakhe,” kusho uZwane.
U-Arthur “10111” Zwane uthathe izintambo zokuqeqesha AmaZulu ngokubambisana noVusumuzi “Kanu” Vilakazi.
Nokho, maphakathi nesizini edlule uVilakazi wesulile kuleli qembu, kwaqhubeka uZwane olihole kwaze kwaphela isizini laqeda endaweni yesithupha kwi-log.
Ngaphambi kokuqala kwale sizini leli qembu liqinise ithimba labaqeqeshi ngoSimo Dladla obesanda kuhlukana neDurban City ayinqobele isicoco seMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule, ukuzoba yiphini lesibili likaZwane ejoyina uSiboniso “Nini” Vilakazi.
“Ngikholwa wukuthi ukulanda umqeqeshi onjengoSimo Dladla ukuzoba yingxenye yethimba labaqeqeshi kube ngumqondo ophusile, ngoba ungumqeqeshi odlondlobalayo osalambele impumelelo ekuqeqesheni," kuhso uNhlanhla Zwane.
"Ukusebenza nabaqeqeshi abanjengoSimo, abadabuka lapha KwaZulu-Natal, nabaliqonda kangcono usikompilo lwaMaZulu, ngikholwa wukuthi kwenza umsebenzi ka-Arthur ungabi nzima ekufezeni umgomo abekelwe wona ngabaphathi beqembu.”
Khonamanjalo, Usuthu luqinise isikwati ngokusayinisa umdlali wasesiswini uMason Mushore, osuka kwiHighlanders FC yaseZimbabwe.
UMushore ujoyina umkhaya wakhe, uThandolwenkosi Ngwenya, ongumgadli ofike kuleli qembu ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwi-FC Platinum.
Related Topics: