ABADLALI bamaBhokobhoko u-Ox Nche (ophambili) noGrant Williams (osemuva) baseqenjini leHollywoodbets Sharks elizobhekana neLions kowe-URC.
Image: BACKPAGEPIX
IHOLLYWOODBETS Sharks iqiniswe ukubuya kwabadlali ababili bamaBhokobhoko abebelimele njengoba izotholana phezulu neLions emdlalweni we-United Rugby Championship namuhla ntambama.
Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoqala ngo-3.30pm eHollywoodbets Kings Park, eThekwini.
ISharks ibheke ukuqhubeka nomgqigqo esonge ngawo unyaka odlule lapho inqobe khona imidlalo emibili ilandelana emiqhudelwaneni ehlukene, iqumba phansi iSaracans kwi-European Champions Cup neVodacom Bulls kwi-URC.
Isikhondlakhondla u-Ox Nche, esalimala sidlalela iqembu lesizwe ngoNovemba nyakenye, sesiluleme futhi sizowuqala umdlalo phambili.
Omunye umdlali weqembu lesizwe lakuleli, u-Aphelele Fassi, owashayeka ekhanda ngesikhathi iSharks inqoba iSaracens ngoDisemba, naye ukulungele ukuqala lo mdlalo.
ISharks isasendaweni ebucayi kwi-log ye-URC njengoba ilele endaweni ka-14 ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisikhombisa, kodwa ukunqoba lo mdlalo ekhaya kungalibuyisa ithemba lokuthi isengabalwa namaqembu ayisishiyagalombili azodlulela kweyomkhumulajezi uma sekusongwa isigaba samaqoqo ngoMeyi.
“Kunesimo esithokozisayo eqenjini njengamanje. Ukunqoba imidlalo emibili ngemuva kokuyiqala kabi isizini kuqale umgqigqo omuhle, kwabuyisa nokuzethemba ebesikudinga,” usho kanje umdlali waphambili weSharks, uVincent Tshituka.
“Umqeqeshi uJP (Pietersen) usigqugquzele ukuthi sisuke ekubeni ezingeni elikahle, siye kweliphakeme. Iqembu selithuthukile.
“Kucace bha ngesikhathi sizilolonga ukuthi sonke siwubheke ngabomvu lo mdlalo ozayo. Ukudlala namaqembu aseNingizimu Afrika kuhlezi kuyinto ekhethekile futhi kuyinto enkulu ukubhekana neLions. Silindele inselelo enzima kodwa ethokozisayo.”
ILions isendaweni engcono kuneSharks kwi-log njengoba ikweyesishiyagalombili ngamaphuzu angu-17 emidlalweni eyisikhombisa.
Nokho, leli qembu laseGoli lizofika kulo mdlalo libheke ukuqeda ishobolo lokunqotshwa imidlalo emithathu ilandelana.
Komunye umdlalo we-URC ohlanganisa amaqembu akuleli, iBulls esendaweni ka-12 izotholana phezulu neDHL Stormers eqhwakele, futhi esinqobe imidlalo eyisikhombisa ilandelana kwi-URC.
Lo mdlalo uzodlalelwa eDHL Stadium, eKapa, namuhla ngo-6 ntambama.
Iqembu leHollywoodbets Sharks elizobhekana neLions
Abazoqala: 15. Aphelele Fassi, 14. Edwill van der Merwe, 13. Ethan Hooker, 12. Andre Esterhuizen (ukaputeni), 11. Makazole Mapimpi, 10. Jordan Hendrikse, 9. Grant Williams, 8. Manu Tshituka, 7. Vincent Tshituka, 6. Siya Kolisi, 5. Emile van Heerden, 4. Jason Jenkins, 3. Hanro Jacobs, 2. Bongi Mbonambi, 1. Ox Nche.
Abasebhentshini: 16. Eduan Swart, 17. Phatu Ganyane, 18. Mawande Mdanda, 19. Corne Rahl, 20. Phepsi Buthelezi, 21. Nick Hatton, 22. Jaden Hendrikse, 23. Siya Masuku.
Related Topics: