UMGADLI waMaZulu FC, uRyan Moon, osembangweni wejezi kuleli qembu kulandela ukubuya kwakhe ekulimaleni okumhlalise isikhathi engadlali
Image: BACKPAGEPIX
UKWENZA kahle kwaMaZulu FC kumqinisa idolo umgadli waleli qembu, uRyan Moon, emshikashikeni wakhe wokulwela ukubuyela esikimini esiqala imidlalo njengoba esanda kubuya ekulimaleni.
UMoon (29) ojoyine AmaZulu ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka komakhelwane, iLamontville Golden Arrows, usadlale imidlalo emithathu kuphela kule sizini. Udlale emibili yeBetway Premiership nowodwa weMTN8 ngenxa yokuhlushwa ukulimala okuholele ekutheni ahlale imidlalo eminingi engadlali kusukela kuqale le sizini.
Udlale umdlalo wakhe wesithathu kule sizini esuka ebhentshini ngesikhathi AmaZulu eguqisa iGolden Arrows ngo 1-0 emdlalweni wabakhaya baseThekwini ngoDisemba 2 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
“Angiyiqalanga kahle le sizini ngenxa yokuhlushwa ukulimala kodwa ngenhlanhla ngikwazile ukuxoxa nomqeqeshi (u-Arthur Zwane) okhombisa ukungeseka okukhulu.
Okuhle wukuthi iqembu lisenza kahle, nokwenze akwangaba nzima kakhulu ukulwela ukubuyela esikimini seqembu,” kusho uMoon.
Lo mgadli ubanga isikimu no-Elmo Kambindu waseNamibia, uThandolwenkosi Ngwenya waseZimbabwe noThapelo Matlhoko.
“Ngibeka kakhulu phambili iqembu kunezinhloso zami. Ngakho anginayo ingcindezi njengoba ngilwela ukuba sesikimini esiqala imidlalo.
Empeleni ingcindezi ngiyithatha njengesikhuthazi kimina ekusebenzeni kanzima njengoba ngizimisele ngokulwela ukubuyela esikimi ngisize iqembu.”
UNgwenya ojoyine Usuthu esuka kwiFC Platinum yaseZimbabwe ngaphambi kokuqala kwale sizini, usakhombise izimpawu zokuba ngumgadli obukhali. Useshaye amagoli amane emidlalweni engu-12 yize ephinde waphazanyiswa ukulimala.
Usuthu oluyiqale ngonyawo oluhle le sizini ka-2025/26, kuyiwe ekhefini le-Africa Cup of Nation (Afcon) lusendaweni yesihlanu kwi-log yePremiership. Akungatshazwa ukuthi lokhu kuyisikhuthazi esikhulu kuleli qembu elinenselelo yokugcina umgqigqo ofanayo nangomzuliswano wesibili wesizini.
Luzobuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya ngokududulana neTS Galaxy ngoJanuwari 25 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Related Topics: