BEKUNGATHI uthelwe ngezibonkolo uZakithi Nene, ngesikhathi evala umjaho weqembu laseNingizimu Afrika labesilisa le-relay elilale isithathu ku-4x400m izolo, eTokyo
Image: ASA
IQEMBU laseNingizimu Afrika ebelibunjwe ngabasubathi nabashiwibi abangu-49 lilinde kwaze kwaba wusuku lokugcina kwi-World Athletics Championships esongwe izolo, ukuthi lithole indondo yokufakaza ukuthi nalo belikhona eTokyo, eJapan.
Indondo yethusi etholwe yiqembu lakuleli kwabesilisa kwi-relay ka-4x400m izolo ntambama, kube ngeyokuqala neyokugcina eqenjini laseMzansi. Liqede indlala ebisilixine kusukela ngo-2017.
UZakithi Nene, Udeme Okon, Wayde van Niekerk noLythe Pillay yibona abavale ihlazo belala isithathu emjahweni onqotshwe yiBotswana. Benze isikhathi esingu 2:57:83. I-United States of America (USA) ilale isibili.
Kwenzeka lokhu nje, iqembu le-relay lika-4x100 lihluleke ngisho selinikwe ithuba lesibili lokuzibekisela indawo kowamanqamu obuyizolo. Leli qembu ebeliholwa ngu-Akani Simbine, belithakwe nangoShaun Maswanganyi, Sinesipho Dambile noBradley Nkoana.
Ngemuva kokukhononda ngokuthi iqembu lase-Italy libaphazamisile emijahweni yokuhlunga, elakuleli linikwe ithuba lokugijima lodwa izolo ekuseni kodwa sekungumlando ukuthi lihlulekile ukubamba isikhathi ebesibekiwe.
Amathemba aqale ukushabalala ngeledlule ngesikhathi kuhluleka uSimbine noGift Leotlela abebeyizithenjwa ku-100m.
Iqembu laseMzansi lagcina ukubuya nezindondo ngo-2017, lapho lathola khona amagolide amathathu ngoLuvo Manyonga, Van Niekerk noCaster Semenya.
Izindondo ezimbili zethusi zatholwa nguRuswahl Samaai noSemenya, bese kuba eyesiliva eyaphindwa nguVan Niekerk emidlalweni eyayise-England.
Ngo-2019, eQatar, 2022 e-USA, naseHungary ngo-2023, iqembu laseMzansi labuya lishwiba izandla. Kulokhu umqhudelwano uqale kunethemba lokuthi leli qembu lizoqeda le ndlala yeminyaka esibheke kwengu-10.
Ezibabulini obekubekwe kuzona amathemba okubuya nezindondo kodwa zahluleka singabala uSimbine ku-100m, Van Niekerk ku-200m, Nene ku-400m, noPrudence Sekgodiso ku-800m zonke abahluleke bancama emijahweni yazo.