Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UTinkler neqhinga lokugcina iSekhukhune embangweni weligi

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weSekhukhune United, u-Eric Tinkler nabasizi bakhe, uMarc van Heerden noPaulos Masehe, ababophe itulo lokuketula iKaizer Chiefs ngoLwesibili

Image: BACKPAGEPIX

IMIDLALO yeSekhukhune United namaqembu athathwa njengamancane njengeLamontville Golden Arrows abazodlala nayo oweBetway Premiership ngempelasonto, iyona emqoka ngaphezulu kweyeKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uma iBabina Noko izimisele ngokuba sembangweni wesicoco seligi.

Lona wumbono womqeqeshi weSekhukhune, u-Eric Tinkler, awuveze emuva kokutitinya iKaizer Chiefs ngo 3-1 kowePremiership ngoLwesibili. 

IBabina Noko izobuyela enkundleni ngokwamukela i-Arrows koweligi ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Ngemuva komdlalo wangoLwesibili, uTinkler ubezishaya isifuba ngetulo abalibophele iChiefs kodwa wakubalula nokuthi kumqoka kangakanani ukungayiyeli ngobuso i-Arrows.

“Siyiqale kahle isizini okuyinto engicabanga ukuthi inzima ngakho-ke okusimele wukuqinisekisa ukuthi kasiwudedeli umgqigqo esisuke ngawo phansi,” kusho uTinkler.

“Okusisizile kulo mdlalo wukuyihlaziya kahle iChiefs saphuma netulo elisebenzile. Amakhosi adlala ingcwenga yebhola uma esondelene ukuze izodaka izitha ngamaphasi amafushane nasheshayo.

“Nakuba kukuhle lokhu kodwa kuyaphoqa ukuthi nodonga lwawo lwasemuva lusondele kulaba abaphethe ibhola okuwashiya evulekile uma uzowagada ngejubane.

“Kusisebenzele lokhu yize esiwombeni sokuqala kucishe konakala ngesikhathi iChiefs isifika iphindelela kunozinti wethu."

ISekhukhune ayigcinanga ngokuwina kepha ibe yiqembu lokuqala elibhakuzise inethi yeChiefs kule sizini.

UTinkler uxwayise ngobungozi bokuya kwi-Arrows ngobuso.

“Imiphumela efana nokunqoba kwiChiefs noma kwiPirates mihle kodwa okumqoka kunakho konke wukuqoqa amaphuzu agcwele kule midlalo ebukeka ilula njengalo esiya kuwona.

“Uma sizimisele ngokufaka ukushisa embangweni wesicoco kuyasiphoqa ukuthi sinqobe emaqenjini athathwa njengamancane njenge-Arrows neMagesi FC.

“Ngiyazi ukuthi i-Arrows inombono ohlukile ngalokhu futhi ngiyaqonda ukuthi izolwa ngakho konke ukuze iqoqe amaphuzu agcwele,” kusho uTinkler.