UMQEQESHI we-Orbit College, uPogiso Makhoye, osekuqinisekisile ukuthi usazoqhubeka nomsebenzi wakhe abewenza esikhungweni saleli qembu wokuba yi-IT manager ebe eqhubeka nokuqeqesha
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI we-Orbit College, uPogiso Makhoye, uzoqhubeka nomsebenzi wakhe wansuku zonke nakuba esehlalelwe owokuqeqesha i-Orbit College ayinyusele kwiBetway Premiership.
UMakhoye wakuveza engxoxweni neSolezwe emasontweni amathathu edlule ukuthi usazoyinkankanya nabaphathi baleli qembu elingaphansi kwesikhungo semfundo ephakeme, eyokuqhubeka nomsebenzi wakhe wokuba yi-IT manager e-Orbit College.
Njengoba ayekubalulile ukuthi akaboni kuzomehlula ukuqhubeka nokuncelisa amawele njengoba ebenza nangesizini edlule, eqeqesha leli qembu kwiMotsepe Championship, uMakhoye usekuqinisekisile ukuthi usazoqhubeka nomsebenzi abewenza kulesi sikhungo.
Lo mqeqeshi usuka phansi naleli qembu kusukela lisagijima esigabeni sama-amesha evele esebenza kulesi sikhungo ophikweni lwe-IT kusukela ngo-2007.
"Nginethimba labaqeqeshi elinolwazi ngomsebenzi wokuqeqesha futhi engilethembayo kakhulu. Ngakho angiboni ukuqhubeka nomsebenzi wami wasesikhungweni (wokufundisa) nokungabi bikho kwami kwesinye isikhathi - uma iqembu eliziqeqesha ngaso - ukuthi kungaba nomthelela,” kuchaza uMakhoye.
UMakhoye utuse ubudlelwano beqembu lakhe ne-Orlando Pirates obuholele ekutheni ligcine uSiyabulela Mabele noGomolemo Khoto ebelibaboleke kwiPirates ngesizini edlule. Bobabili laba badlali bakhathule indima ebonakalayo empumelelweni yaleli qembu ngesizini edlule liqeda endaweni yesibili kwi-log yeMotsepe Foundation Championship, lazibekisela indawo kumaPSL Promotion Play-Offs okulwela ukukhuphukela kwiPremiership.
Laba ababili sebejoyinwe uThuso Moleleki, uYanga Madiba noMonnapule Saleng ababolekiswe yiPirates kuleli qembu laseNorth West, elizoba ngomakoti kwiPremiership ngesizini ezoqala ka-2025/26.
USaleng nguyena ogqamile kulaba badlali ababolekiswe yiPirates, kwazise ubeyisilomo kweZimnyama kumasizini amabili edlule, ngaphambi kokunyamalala esikimini ngesizini edlule.
“Kuyangijabulisa ukuthi kwenzeke ebengikufisa ukuthi iPirates iphinde isiboleke uSiyabulela noGomolemo ababenesandla empumelelweni yethu ngenkathi silwela ukukhuphukeka kwiPremiership. Laphinda lasiboleka nabanye futhi uYanga Madiba noThuso Moleleki njengoba besesivele sinaye uMonnapule, engikholwa wukuthi ukuba khona kwakhe eqenjini kuzokwenza umehluko omkhulu ngasohlangothini lokuhola. Buhle kakhulu ubudlelwano bethu nePirates,” kusho uMakhoye, owaphumela obala kwabezindaba ngemuva kwamaPlay-Offs ethi uzofongqa isigqoko kwiPirates iphinde imboleke abadlali.
“Ngaphandle kwalokho, sesikwazile ukwengeza esikwatini sethu ngabanye abadlali ababili esibasayinisile abasuka kwiHungry Lions neLeruma United, noThato Mohlamme osuka kwiRichards Bay FC.
"Njengoba ngike ngasho phambilini, ngeke senze zinguquko eziningi esikwatini sethu, sizoqinisa lapha nalaphaya.”
Related Topics: