UMDLALI wamaJunior Boks, uVusi Moyo, okubhekwe ukuthi enze umehluko kowamanqamu weWorld Rugby Under-20 Championship neNew Zealand.
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weqembu lesizwe lombhoxo labesilisa lika-Under-20, uKevin Foote, ulindele ukuthi i-flyhalf yaleli qembu, uVusi Moyo, iqhubeke nefomu yayo kowamanqamu weWorld Rugby Under-20 Championship neNew Zealand.
Lo mdlalo uzoqala ngo-8.30 kusihlwa eStadio Mario Battlaglini, edolobheni iRovigo, e-Italy.
AmaBhokobhoko amancane anqobe i-Argentina ngo 48-24 kowandulela owamanqamu, ama-All Blacks amancane akhipha iFrance ngo 34-26.
Nakuba la maqembu eseshaye inqwaba yama-try kulo mqhudelwano njengoba ekhonze ukuligcina ezandleni ibhola, kungenzeka angakhululeki kakhulu kowamanqamu.
Lokho kungaholela ekutheni amehlo athi njo kwabazodlala kwi-flyhalf okusuke kubhekwe ukuthi babeke iqembu labo emhlabeni ongcono ngonyawo, baphinde balitholele amaphuzu ngokukhahlelela ipali.
UMoyo usawubambe kahle umgqigqo selokhu uqalile lo mqhudelwano ngokuxhumana kahle nozakwabo abadlala emuva, kanti futhi uhamba phambili ngokushaya amaphuzu angu-50.
“UVusi udlala kahle kulo mqhudelwano. Usebenza kanzima ukuze athuthuke uma ekhahlelela ipali kodwa akagcini lapho, ungumdlali ophelele. Ufunde lukhulu kubadlali abafana noHaashim (Pead),” kusho uFoote.
“Amaqembu angasondelana kakhulu ngamaphuzu emidlalweni yamanqamu ngakho-ke ukuba nomdlali ongalibheki ipali njengoVusi kungasisiza kakhulu. Simbonile elibeka phakathi ibhola ekude sidlala ne-England ngakho-ke uyisikhali sethu esikhulu.”
UFoote uqhube wathi bayabuqonda ubungozi beNew Zealand, nayo equmbe phansi amaqembu anzima ukuze ingene kowamanqamu.
“IFrance izamile ukuyihlasela iNew Zealand kowandulela owamanqamu kodwa yakwazi ukuyivimba. Siyazi ukuthi sizodlala neqembu elizolwa kuze kube sekugcineni. Bayabathemba abadlali babo basemuva. Yiqembu esilihlonipha kakhulu,” uphethe kanje.
Related Topics: