UKAPTENI weBidvest Wits neBafana Bafana uThulani “Tyson” Hlatshwayo usebanikeze ithemba abalandeli bePirates kulandela ukuphawula kwakhe eveza isifiso sokushiya iZitshudeni.
I-Pirates izolo inenebulwe Amatsatsantsa ngo 3-0 eMbombela Stadium kumdlalo we-Absa Premiership kanti abalandeli bebengawuvali umlomo ngokuhlangani kodonga lweBucs. Selokhu livulile iwindi lokudayiselana ngabadlali emaqenjini ePSL, uHlatshwayo ungomunye wabadlali abebekhonjwa kwiBhakabhaka, nokho kuze kwaqala isizini esakwiWits.
I-Pirates namanye amaqembu ePSL asafuna ukutheza abanye abadlali, basalelwe amasonto amabili.
Ngemuva komdlalo iWits ewunqobe ngo 1-0 ibhekene nePolokwane City, uTyson uveze ukuthi usebazisile abaphathi beqembu ukuthi uzimisele ngokudlalela elinye iqembu.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo uTyson uthe: “Ngihlezi kahle kwiBidvest Wits...iwindi alikavalwa ngakho kusengenzeka noma yini. Ngisenenkontileka neWits futhi konke kusezandleni zabaphathi. Kodwa sengikucacisile ukuthi sengifisa ukwenza okusha kanti ke, njengoba ngishilo, iwindi lisavulilwe kusangenzeka noma yini.”
Ngenyanga edlelu iWits, ehlezi esicongweni se-Absa Premiership ngemuva kwemidlalo emithathu, yashicilela isitatimende icacisa ukuthi akayi ndawo uHlatshwayo.
I-Wits izobhekana neSuperSport United emdlalweni weMTN 8 ngeSonto ngo-3 ntambama.